Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 34-37

Ukholo LukaHezekiya Lwavuzwa

Ukholo LukaHezekiya Lwavuzwa

USaneheribi inkosi yase-Asiriya wathumela uRabishake eJerusalema ukuba ayotshela lo muzi ukuthi mawuzinikele. Abase-Asiriya basebenzisa izinkulumo ezihlukahlukene ukuze enze amaJuda acele umaluju engalwanga.

  • Ukubenza bazizwe bebodwa. IGibhithe ngeke linisize.Isaya 36:6

  • Ukubenza bangabaze. UJehova ngeke anilwele ngoba akajabule ngani.Isaya 36:7, 10

  • Ukubesabisa. Ngeke nikwazi ukumelana nebutho lase-Asiriya elinamandla.Isaya 36:8, 9

  • Ukubalinga. Ukuzinikela kwabase-Asiriya kuzothuthukisa ukuphila kwenu.Isaya 36:16, 17

UHezekiya wabonisa ukholo olungantengantengi kuJehova

37:1, 2, 14-20, 36

  • Wenza konke ayengakwenza ukulungiselela umuzi ukuvinjezelwa

  • Wathandaza kuJehova ecela ukuba abasindise, waqinisa nokholo lwabantu kuJehova

  • Ukholo lwakhe lwavuzwa lapho uJehova ethumela ingelosi ukuba ibulale amasosha ase-Asiriya angu-185 000 ngobusuku obubodwa