Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  January 2017

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe”

“O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe”

Kubalulekile ukuba sithembele kuJehova lapho izinto zihamba kahle nalapho kunzima. (IHu 25:1, 2) Ekhulwini lesi-8 B.C.E., amaJuda ayekwaJuda abhekana nenhlekelele eyavivinya ukwethembela kwawo kuNkulunkulu. Kuningi esingakufunda kulokho okwenzeka. (Ro 15:4) Ngemva kokubuka i-video ethi “O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe”, ungayiphendula kanjani imibuzo elandelayo?

  1. Iyiphi inhlekelele uHezekiya ayebhekene nayo?

  2. UHezekiya wasisebenzisa kanjani isimiso esisencwadini yezAga 22:3 lapho ebona ukuthi bangase bavinjezelwe?

  3. Kungani uHezekiya engakucabanganga ukuzinikela kwabase-Asiriya noma ukwakha umfelandawonye neGibhithe?

  4. UHezekiya uwabekela siphi isibonelo esihle amaKristu?

  5. Iziphi izimo ezivivinya okwethu ukuthembela kuJehova namuhla?

Bhala izimo ongabonisa kuzo ukwethembela kuJehova kakhudlwana.