Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUPHILA KOBUKRISTU

Ilungelo Lethu Lokwakha Nokunakekela Izindawo Zokukhulekela Kweqiniso

Ilungelo Lethu Lokwakha Nokunakekela Izindawo Zokukhulekela Kweqiniso

Ukwakha ithempeli lakwa-Israyeli kwakudinga ukuzikhandla nezimali. Nokho, ama-Israyeli awusekela ngentshiseko lo msebenzi. (1Kro 29:2-9; 2Kro 6:7, 8) Ngemva kokuba ithempeli liqediwe, indlela ama-Israyeli alinakekela ngayo yabonisa ukuthi angokomoya yini noma cha. (2Kho 22:3-6; 2Kro 28:24; 29:3) Namuhla, amaKristu achitha isikhathi esiningi namandla akha, ehlanza futhi enakekela amaHholo OMbuso nawoMhlangano. Nokho, ukusebenzisana noJehova ngale ndlela kuyilungelo elikhulu futhi kuyingxenye yenkonzo yethu engcwele.IHu 127:1; IsAm 7:15.

SINGAHLANGANYELA . . . 

  • Ngokuqoqa njalo ngemva kwemihlangano. Uma izimo zingakuvumeli, zama ukucosha udoti oseduze kwakho.

  • Ngokuhlanganyela ekuhlanzweni kweHholo LoMbuso okwenziwa njalo nasekulinakekeleni. Izandla eziningi zenza umsebenzi ujabulise futhi ube lula.lv 92-93 ¶18.

  • Ngokusekela ngokwezimali. Ngisho nomnikelo ‘wezinhlamvu ezimbili zenani elincane’ osuka enhliziyweni uyamjabulisa uJehova.Mar 12:41-44.

  • Ngokuvolontiya ukwakha nokulungisa izakhiwo ezingokwasezulwini uma izimo zakho zivuma. Akudingeki uze ukwazi ukwakha ukuze uhlanganyele.