Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  Febhuwari 2017

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Siza Izingane Zakho Zihlakulele Ukholo Oluqinile KuMdali

Siza Izingane Zakho Zihlakulele Ukholo Oluqinile KuMdali

Indalo imemezela inkazimulo kaJehova. (IHu 19:1-4; 139:14) Nokho, izwe likaDeveli ligqugquzela izimfundiso ezihlazisa uNkulunkulu ngokuphathelene nomsuka wokuphila. (Ro 1:18-25) Yini ongayenza ukuze imibono enjalo ingakheli ezingqondweni nasezinhliziyweni zezingane zakho? Zisize zihlakulele ukholo zisencane lokuthi uJehova ukhona futhi uzikhathalela ngokomuntu siqu. (2Ko 10:4, 5; Efe 6:16) Zenze ziveze lokho ezikucabangayo ngalokho ezikufundiswa esikoleni bese usebenzisa amathuluzi amaningi esinawo ukuze ufinyelele izinhliziyo zazo. —IzA 20:5; Jak 1:19.

BUKA I-VIDEO ETHI OKUSHIWO ONTANGA YAKHO—UKUKHOLELWA KUNKULUNKULU, BESE NIXOXA NGALE MIBUZO:

  • Iyiphi inkolelo-ze evamile ngokukholelwa kuNkulunkulu?

  • Yini efundiswayo esikoleni senu?

  • Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uJehova ukhona?

  • Ungamsiza kanjani umuntu afinyelele isiphetho sokuthi nguNkulunkulu owadala zonke izinto?