Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  February 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

PHAPHAMA!

Umbuzo: Nansi i-Phaphama! yakho yamuva. Bheka umbuzo olapha ekhasini 2. Wena ubungathini?

UmBhalo: IzA 24:10

Okuzohanjiswa: Lesi sihloko sixoxa ngezinye izimiso eziphathelene nalokhu.

PHAPHAMA!

Umbuzo: Ubungavuma yini ukuthi kubalulekile ukukhetha abangane abawuhlobo olufanele?

UmBhalo: IzA 13:20

Okuzohanjiswa: Le Phaphama! inamaphuzu awusizo mayelana nendlela yokuthola abangane abakahle. [Qokomisa isihloko esisemakhasini 10-11.]

LALELA UNKULUNKULU UPHILE PHAKADE

Umbuzo: Ungathanda yini ukuphila emhlabeni onje? [Mbonise amakhasi 2-3, bese ulindela impendulo.]

UmBhalo: Jer 29:11

Okuzohanjiswa: Le ncwajana ibonisa indlela esingamlalela ngayo uNkulunkulu futhi sijabulele ikusasa asithembisa lona. [Bhekisela emakhasini 4-5.]

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.