Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  February 2016

February 1-7

NEHEMIYA 1-4

February 1-7
  • INgoma 126 Nomthandazo

  • Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

  • UNehemiya Wayekuthanda Ukukhulekela Kweqiniso”: (10 imiz.)

    • [Dlala i-video ethi Isethulo SikaNehemiya.]

    • Neh 1:11–2:3—Injabulo kaNehemiya yayibangelwa ukuthi wayethuthukisa ukukhulekela kweqiniso (w06 2/1 9 ¶7)

    • Neh 4:14—UNehemiya wanqoba ukuphikiswa kokukhulekela kweqiniso ngokugxila kuJehova (w06 2/1 10 ¶4)

  • Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)

    • Neh 1:1; 2:1—Yini esenza siphethe ngokuthi ‘unyaka wamashumi amabili’ okukhulunywa ngawo kuNehemiya 1:1 ubalwa kuqalwa esikhathini esifanayo nalowo okukhulunywa ngawo kuNehemiya 2:1? (w06 2/1 8 ¶5)

    • Neh 4:17, 18—Umsebenzi wokwakha kabusha udonga wawungenziwa kanjani ngesandla esisodwa? (w06 2/1 9 ¶1)

    • Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?

    • Yimaphi amaphuzu asekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?

  • Ukufundwa KweBhayibheli: Neh 3:1-14 (4 imiz. noma ngaphansi)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

  • Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala i-video yentshumayelo ngayinye esikiselwe, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Gcizelela indlela ummemezeli abeke ngayo isisekelo sempindelo. Khuthaza abamemezeli ukuba bazakhele ezabo izintshumayelo.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

  • INgoma 103

  • Hlela Manje Ukukhonza Njengephayona Elisizayo Ngo-March Noma Ngo-April: (15 imiz.) Ingxoxo. Xoxa ngamaphuzu afanelekayo asesihlokweni esithi “Yenza Le Nkathi YeSikhumbuzo Ibe Ejabulisayo!” (km 2/14 2) Gcizelela isidingo sokuhlela kusengaphambili. (IzA 21:5) Xoxa nabamemezeli ababili ababe amaphayona asizayo esikhathini esidlule. Yiziphi izithiyo okwadingeka bazinqobe? Iyiphi injabulo abayithola?

  • ISifundo SeBhayibheli Sebandla: ia isahl. 8 ¶1-16 (30 imiz.)

  • Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)

  • INgoma 135 Nomthandazo