Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Luyini Uthando Lweqiniso?

Luyini Uthando Lweqiniso?

UJehova wenza umshado waba isibopho esihlala njalo phakathi kwendoda nowesifazane. (Gen 2:22-24) Isehlukaniso sivumeleke kuphela uma kukhona ophingile. (Mal 2:16; Math 19:9) Njengoba uJehova efuna abantu abashadile bajabule, ukhiphe izimiso ezingasiza amaKristu akwazi ukubakhetha ngokuhlakanipha labo abazoshada nawo futhi ahlale ejabule emshadweni.—Shu 5:4-6.

BUKELA IVIDIYO ETHI LUYINI UTHANDO LWEQINISO?, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani isiyalo uFrank noBonnie abasinika indodakazi yabo, uLiz, sasihlakaniphile futhi sibonisa uthando?

  • Kungani kungekona ukuhlakanipha ukucabanga ukuthi ungamshintsha umuntu osuzoshada naye?

  • Isiphi iseluleko esihlakaniphile uPaul noPriscilla abasinika uLiz?

  • Kungani uZach noMegan baba nezinkinga emshadweni wabo?

  • Imiphi imigomo efanayo yokukhonza uJehova, uJohn noLiz ababenayo?

  • Kungani kufanele wazi “umuntu osithekile wenhliziyo” yomuntu ozoshada naye ngaphambi kokuba wenze isifungo somshado naye? (1Pet 3:4)

  • Luyini uthando lweqiniso? (1Ko 13:4-8)