Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  August 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

PHAPHAMA!

Umbuzo: Ucabanga ukuthi kungakuhle yini uma abantu bengenza imizamo yokuyeka imikhuba emibi benze emihle?

UmBhalo: UmSh 7:8a

Okuzohanjiswa: Lezi zihloko zixoxa ngezimiso zeBhayibheli ezibonisa indlela abantu abangayilawula ngayo imikhuba yabo ukuze bazuze.

PHAPHAMA!

Umbuzo: Ushintsho asikwazi ukulugwema ekuphileni. Ucabanga ukuthi iyiphi indlela engcono yokubhekana nalo?

UmBhalo: UmSh 7:10

Okuzohanjiswa: [Mbonise isihloko esiqala ekhasini 10.] Lesi sihloko sidingida indlela izimiso zeBhayibheli ezingasisiza ngayo ukuba sikwazi ukubhekana noshintsho.

LALELA UNKULUNKULU UPHILE PHAKADE

Umbuzo: Sonke, kuhlanganise namalungu emindeni yethu nabangane, sinamagama. Kodwa kuthiwani ngoNkulunkulu? Ngubani igama lakhe?

UmBhalo: IHu 83:18

Okuzohanjiswa: Le ncwajana ichaza nezinye izinto eziningi iBhayibheli elisifundisa zona ngoNkulunkulu. [Qokomisa amakhasi 6 no- 7.]

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.