Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 102-105

UJehova Uyakhumbula Ukuthi Siluthuli

UJehova Uyakhumbula Ukuthi Siluthuli

UDavide wasebenzisa inkulumo engokomfanekiso ukuze abonise isihe sikaJehova.

  • 103:11

    Njengoba thina singeke sikwazi ukuwaqonda ngokuphelele amabanga aphakathi kwezinkanyezi, amazulu nomhlaba, asikwazi ukubuqonda kahle ubukhulu bothando lukaJehova oluqotho

  • 103:12

    UJehova uzibeka kude izono zethu, ngendlela esingeke sakwazi ukuyicabanga, njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga

  • 103:13

    Njengoba ubaba ebonisa uzwela endodaneni yakhe okungenzeka ilimele, kanjalo noJehova ubonisa umusa kulabo abaphendukayo abachotshozwe yizono zabo