Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungamkhuthaza UmKristu Opholile

Ungamkhuthaza UmKristu Opholile

NgoLwesibili, ngo-April 11, kuyoba namaKristu amaningi apholile eSikhumbuzweni. Aqala ukugijima umncintiswano wokuphila kodwa anciphisa ijubane ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, ezinye zazo okukhulunywa ngazo encwajaneni ethi Buyela KuJehova. (Heb 12:1) Noma kunjalo, abapholile balokhu beyigugu kuJehova, owabathenga ngegazi leNdodana yakhe. (IzE 20:28; 1Pet 1:18, 19) Singabasiza kanjani babuyele ebandleni?

Abadala bamabandla bazama ukuthola nokusiza amaKristu apholile kuhle kukamalusi ozicinga ngokuzimisela izimvu ezilahlekelene nomhlambi. (Luka 15:4-7) Lokhu kubonisa ukukhathalela kothando kukaJehova. (Jer 23:3, 4) Sonke, hhayi abadala kuphela, singabakhuthaza abanjalo. Imizamo yethu yokubonisa umusa nokuzwelana nabanye iyamjabulisa uJehova futhi ingasilethela injabulo enkulu. (IzA 19:17; IzE 20:35) Ngakho, cabanga ukuthi ubani ongamkhuthaza bese wenza kanjalo ngaphandle kokulibala!

BUKELA I-VIDEO ETHI KHUTHAZA ABAPHOLILE, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiphi isinyathelo esathathwa ngu-Abbey lapho ehlangana nomKristu ayengamazi?

  • Kungani kufanele sixoxe nabadala uma sicabanga ukusiza umuntu opholile?

  • U-Abbey wakulungiselela kanjani ukuvakashela uLaura okwesibili?

  • U-Abbey wakubonisa kanjani ukuphikelela, isineke nothando lapho ezama ukukhuthaza uLaura?

  • Yini esingayifunda emfanekisweni kaJesu okuLuka 15:8-10?

  • Iziphi izibusiso ezaba khona ngenxa yokubambisana emizamweni yokusiza uLaura?