UZakariya 8:1-23
8 Izwi likaJehova wamabutho laphinde lafika, lathi:
2 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Ngizolilwela iZiyoni ngentshiseko enkulu, + ngizolilwela ngentukuthelo enkulu.’ ”
3 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngizobuyela eZiyoni + ngihlale eJerusalema; + iJerusalema liyobizwa ngokuthi idolobha leqiniso, *+ intaba kaJehova wamabutho, intaba engcwele.’ ” +
4 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Kusazohlala amaxhegu nezalukazi ezigcawini zaseJerusalema, ngamunye ephethe udondolo lwakhe ngenxa yobudala bakhe. *+
5 Izigcawu zedolobha ziyogcwala abafana namantombazane abadlala kuzo.’ ” +
6 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Nakuba kungase kubonakale kunzima kakhulu kulabo abasele kulesi sizwe ngalezo zinsuku, kufanele kubonakale kunzima yini nakimi?’ kusho uJehova wamabutho.”
7 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Ngisindisa abantu bami emazweni asempumalanga nawasentshonalanga. +
8 Ngiyobaletha, bahlale eJerusalema; + bayoba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo + ngeqiniso* nangokulunga.’ ”
9 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Izandla zenu maziqine, *+ nina enizwa la mazwi ashiwo abaprofethi, + amazwi afana nalawo ashiwo ngosuku okwabekwa ngalo isisekelo sendlu kaJehova wamabutho, ukuze kwakhiwe ithempeli.
10 Ngaphambi kwaleso sikhathi, abantu nezilwane babengaholelwa; + futhi kwakungaphephile ukungena nokuphuma ngenxa yesitha, ngoba ngabaqhatha bonke abantu.’
11 “ ‘Kodwa manje ngeke ngisebenzelane nabasele balesi sizwe njengasezinsukwini zakudala,’ + kusho uJehova wamabutho.
12 ‘Kuyotshalwa imbewu yokuthula; izihlahla zamagilebhisi ziyothela izithelo zazo, umhlaba ukhiqize isivuno sawo, + amazulu alethe amazolo awo; ngiyobangela abasele kulesi sizwe ukuba bazuze zonke lezi zinto njengefa. +
13 Njengoba naba yinto yokuqalekiswa phakathi kwezizwe + wena ndlu kaJuda nawe ndlu ka-Israyeli, kanjalo ngiyonisindisa, niyoba yisibusiso. + Ningesabi! + Izandla zenu maziqine.’ *+
14 “Ngoba yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘ “Njengoba nje nganginqume ukunilethela inhlekelele ngenxa yokuthi okhokho benu bangithukuthelisa,” kusho uJehova wamabutho, “futhi ngingazange ngizisole, +
15 manje nginqume ukwenza okuhle eJerusalema nasendlini kaJuda. + Ningesabi!” ’ +
16 “ ‘Nazi izinto okufanele nizenze: Khulumani iqiniso komunye nomunye, + izahlulelo ezenziwa emasangweni enu kumelwe zikhuthaze iqiniso nokuthula. +
17 Ningacebelani inhlekelele ezinhliziyweni zenu, + niyeke ukufunga amanga; + ngoba yizo zonke lezi zinto engizizondayo,’ + kusho uJehova.”
18 Izwi likaJehova wamabutho laphinde lafika kimi, lathi:
19 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Ukuzila ukudla kwenyanga yesine, + ukuzila ukudla kwenyanga yesihlanu, + ukuzila ukudla kwenyanga yesikhombisa + nokuzila ukudla kwenyanga yeshumi + kuyoba yizikhathi zentokozo nenjabulo endlini kaJuda—imikhosi yokujabula. + Ngakho thandani iqiniso nokuthula.’
20 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Kusazophinde kufike izizwe nabahlala emadolobheni amaningi;
21 abahlala kwelinye idolobha bayoya kwabahlala kwelinye, bathi: “Masiye ngobuqotho siyonxusa uJehova ukuba asibonise umusa,* sifune uJehova wamabutho. Nami ngizohamba.” +
22 Kuyofika abantu abaningi nezizwe ezinamandla zizofuna uJehova wamabutho eJerusalema + futhi zizonxusa uJehova ukuba azibonise umusa.’*
23 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe + ayobamba, yebo, ayobamba ingubo* yomJuda,* athi: “Sifuna ukuhamba nani, + ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “lokwethembeka.”
^ NgesiHebheru, “yobuningi bezinsuku.”
^ Noma, “ngokwethembeka.”
^ Noma, “Yibani nesibindi.”
^ Noma, “Yibani nesibindi.”
^ Noma, “siyothambisa ubuso bukaJehova.”
^ Noma, “zizothambisa ubuso bukaJehova.”
^ Noma, “umphetho wengubo.”
^ NgesiHebheru, “yendoda engumJuda.”