Numeri 14:1-45
14 Ngemva kwalokho yonke inhlangano yaphakamisa izwi layo, abantu baqhubeka bekhala bonke lobo busuku. +
2 Wonke ama-Israyeli aqala ukububula ngoMose nango-Aroni, + yonke inhlangano yakhuluma kabi ngabo yathi: “Ukube savele safela ezweni laseGibhithe noma safela kuleli hlane!
3 Kungani uJehova esiletha kuleli zwe ukuze siwe ngenkemba? + Omkethu nezingane zethu bazoba impango. + Akungcono yini ukuba sibuyele eGibhithe?” +
4 Babeze bathi komunye nomunye: “Masibeke umholi omusha, sibuyele eGibhithe!” +
5 UMose no-Aroni bakhothama phambi kwalo lonke ibandla lenhlangano yama-Israyeli.
6 UJoshuwa + indodana kaNuni noKalebi + indodana kaJefune, ababephakathi kwalabo abahlola izwe, baklebhula izingubo zabo,
7 babe sebethi kuyo yonke inhlangano yama-Israyeli: “Izwe esalidabula silihlola liyizwe elihle kakhulu impela. +
8 Uma uJehova ejabule ngathi, nakanjani uyosingenisa kuleli zwe futhi asinike lona, izwe eligeleza ubisi noju. +
9 Kodwa akumelwe nidlubulunde kuJehova futhi akumelwe nesabe abantu bezwe + ngoba sizobashwabadela.* Abasenaso isivikelo futhi uJehova unathi. + Ningabesabi.”
10 Nokho, yonke inhlangano yakhuluma ngokubashaya ngamatshe. + Kodwa inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kuwo wonke ama-Israyeli. +
11 UJehova wabe esethi kuMose: “Kuyoze kube nini laba bantu bengangihloniphi, + kuyoze kube nini bengenalo ukholo kimi naphezu kwazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo? +
12 Ngiyeke ngibashaye ngesifo esiwumshayabhuqe futhi ngibaxoshe, ngenze wena ube isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.” +
13 Kodwa uMose wathi kuJehova: “AbaseGibhithe, owakhipha lesi sizwe phakathi kwabo ngamandla akho, bayokuzwa, +
14 baxoxe ngakho kubantu abakhe kuleli zwe. Nabo bazwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalesi sizwe, + uye wabonakala kuso ubuso nobuso. + UnguJehova, ifu lakho limi phezu kwaso, uhamba phambi kwaso usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku. +
15 Uma usibulala sonke lesi sizwe ngesikhathi esisodwa,* izizwe ezizwile ngodumo lwakho ziyothi:
16 ‘UJehova uhlulekile ukungenisa lesi sizwe ezweni afunga ukulinika sona, ngakho wasibulala ehlane.’ +
17 Manje ngiyacela Jehova, mawabe makhulu amandla akho, njengoba wathembisa lapho uthi:
18 ‘UJehova, owephuza ukuthukuthela, onothando oluqotho *+ oluchichimayo, oxolela amaphutha neziphambeko, kodwa ongasoze angamjezisi onecala, oletha isijeziso sesiphambeko soyise phezu kwabantwana, phezu kwesizukulwane sesithathu naphezu kwesizukulwane sesine.’ +
19 Ngicela uthethelele isiphambeko salesi sizwe ngokuvumelana nobukhulu bothando lwakho oluqotho, njengoba nje uye wasixolela lesi sizwe kusukela eGibhithe kuze kube manje.” +
20 UJehova wabe esethi: “Ngiyasithethelela ngokuvumelana nezwi lakho. +
21 Kodwa ngakolunye uhlangothi, ngiyafunga ngithi, wonke umhlaba uyogcwala inkazimulo kaJehova. +
22 Nokho, akukho noyedwa emadodeni abone inkazimulo yami nezibonakaliso zami + engizenze eGibhithe nasehlane kodwa nokho waqhubeka engivivinya + lezi zikhathi eziyishumi, wangalilalela izwi lami, +
23 oyobona izwe engafunga ngalo koyise. Cha, akukho noyedwa kulabo abangangihloniphi oyolibona. +
24 Kodwa ngenxa yokuthi inceku yami uKalebi, + ibe nomoya ohlukile yaqhubeka ingilandela ngenhliziyo yayo yonke, nakanjani ngiyoyingenisa ezweni eyaya kulo futhi inzalo yayo iyodla ifa lalo. +
25 Njengoba ama-Amaleki namaKhanani + ehlala esigodini,* kufanele nibuye kusasa, nisuke niye ehlane ngendlela yasoLwandle Olubomvu.” +
26 UJehova wabe esethi kuMose naku-Aroni:
27 “Kuyoze kube nini le nhlangano embi ilokhu ibubula ngami? + Ngikuzwile ukububula kwama-Israyeli ngami. +
28 Yithi kuwo, ‘“Ngiyafunga,” kusho uJehova, “ngiyokwenza kini lokho kanye engizwe nikukhuluma! +
29 Izidumbu zenu ziyokuwa kuleli hlane, + yebo, bonke ababebhalisiwe kini kusukela kwabaneminyaka engu-20 kuya phezulu, nabo bonke kini abaye babubula ngami. +
30 Akekho kini oyongena ezweni engafunga* ukuthi niyohlala kulo, + ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. +
31 “‘“Ngiyoletha izingane zenu enanithe zizoba impango, + ziyolazi izwe enilalile. +
32 Kodwa izidumbu zenu ziyokuwa kuleli hlane.
33 Amadodana enu ayoba abelusi ehlane iminyaka engu-40, + kuyomelwe aphendule ngenxa yezenzo zenu zokungathembeki* kuze kube yilapho kuwa isidumbu senu sokugcina. +
34 Niyophendula ngamaphutha enu iminyaka engu-40, + ngokwesibalo sezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingu-40, + zonke izinsuku onyakeni, ngoba niyokwazi ukuthi kusho ukuthini ukumelana nami.*
35 “‘“Mina Jehova ngikhulumile. Yilokhu engizokwenza kuyo yonke le nhlangano embi, leyo eye yabuthana ndawonye ngokumelene nami: Izophelela kuleli hlane futhi izofela lapha. +
36 Amadoda uMose awathuma ukuba ayohlola izwe nabangela ukuba yonke inhlangano ibubule ngaye lapho eletha umbiko omubi ngezwe, +
37 yebo, lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe, ayoshaywa afe phambi kukaJehova. +
38 Kodwa uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwalabo abahamba bayohlola izwe, nakanjani bayoqhubeka bephila.”’” +
39 Lapho uMose ekhuluma la mazwi kuwo wonke ama-Israyeli, abantu balila kakhulu.
40 Ngaphezu kwalokho, bavuka ekuseni kakhulu bazama ukukhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Yithi laba, sikulungele ukukhuphukela endaweni uJehova akhulume ngayo ngoba sonile.” +
41 Kodwa uMose wathi: “Kungani neqa umyalo kaJehova? Lokhu ngeke kuphumelele.
42 Ningakhuphuki ngoba uJehova akekho ngakini; izitha zenu zizoninqoba. +
43 Ngoba ama-Amaleki namaKhanani alapho ukuze abhekane nani + futhi nizowa ngenkemba. Ngenxa yokuthi niyekile ukulandela uJehova, uJehova ngeke abe nani.” +
44 Nokho, bagabadela bakhuphukela esiqongweni sentaba, + kodwa uMose akazange asuke phakathi kwekamu kanye nomphongolo wesivumelwano sikaJehova. +
45 Kwabe sekwehla ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba abashaya, abahlakaza kwaze kwaba seHorma. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ngoba bayisinkwa kithi.”
^ NgesiHebheru, “njengokungathi umuntu oyedwa.”
^ Noma, “onomusa wothando.”
^ Noma, “ethafeni eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “engaphakamisa isandla sami.”
^ NgesiHebheru, “zobufebe.”
^ Noma, “ukuba ngibe isitha senu.”