Levitikusi 26:1-46
26 “‘Ningazenzeli onkulunkulu abangasizi ngalutho, + ningazimiseli umfanekiso obaziwe + noma insika engcwele, ningabeki umfanekiso owenziwe ngetshe + ezweni lenu ukuze niwukhothamele; + nginguJehova uNkulunkulu wenu.
2 Kufanele nigcine amasabatha ami nihloniphe indlu* yami engcwele. NginguJehova.
3 “‘Uma niqhubeka nihamba ngemithetho yami, nigcina imiyalo yami futhi niyenza, +
4 ngiyoninika izihlambi zemvula ngesikhathi sazo esifanele, + izwe liyoninika isivuno salo, + izihlahla zensimu ziyothela.
5 Inkathi yenu yokubhula iyoqhubeka kuze kube sekuvuneni amagilebhisi, ukuvunwa kwamagilebhisi kuyoqhubeka kuze kube inkathi yokuhlwanyela; niyodla isinkwa senu nize naneliseke futhi nihlale ngokulondeka ezweni lenu. +
6 Ngiyobeka ukuthula ezweni, + niyolala kungabi bikho muntu onesabisayo; + ngiyoqeda izilwane zasendle eziyingozi ezweni, inkemba yempi ngeke idabule ezweni lenu.
7 Nakanjani niyozixosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.
8 Abahlanu kini bayoxosha abangu-100, nabangu-100 kini baxoshe abangu-10 000 futhi izitha zenu ziyowa ngenkemba phambi kwenu. +
9 “‘Ngiyonibonisa umusa* nginenze nizale futhi nginandise, + ngiyosigcina isivumelwano sami nani. +
10 Niyothi nisadla ukudla okudala konyaka owandulele, kudingeke nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha.
11 Ngiyobeka itabernakele lami phakathi kwenu, + ngeke nginilahle.
12 Ngiyohamba phakathi kwenu ngibe uNkulunkulu wenu, + nina niyoba abantu bami. +
13 NginguJehova uNkulunkulu wenu, owanikhipha ezweni labaseGibhithe ukuze ningabe nisaba izigqila zabo, ngaphula imigoqo yejoka lenu ngenza ukuba nikwazi ukuhamba niphakamise amakhanda.*
14 “‘Nokho, uma ningeke ningilalele noma nigcine yonke le miyalo, +
15 uma nenqaba imithetho yami, + uma nenyanya izinqumo zami zokwahlulela ningayenzi yonke imiyalo yami, niphule isivumelwano sami, +
16 mina ngiyokwenza lokhu okulandelayo kini: Ngiyonijezisa ngokucindezeleka, ngesifo sofuba nemfiva, ngenze amehlo enu afiphale nokuphila kwenu kuwohloke. Imbewu yenu niyomane niyihlwanyelele ize ngoba izitha zenu ziyoyidla. +
17 Ngiyomelana nani futhi izitha zenu ziyonehlula; + abanizondayo bayoninyathela, + nibaleke kube kungekho muntu onixoshayo. +
18 “‘Uma ngisho nalokhu kunganenzi ukuba ningilalele, kuyomelwe nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu.
19 Kuyomelwe ngiphule ukuziqhenya kwenu, ngenze amazulu enu abe njengensimbi + nomhlaba wenu ube njengethusi.
20 Niyokhandlekela ize ngoba umhlaba wenu ngeke ukhiqize, + nezihlahla zomhlaba ngeke zithele.
21 “‘Kodwa uma niqhubeka nihamba ngokumelene nami, nenqaba ukungilalela, kuyomelwe nginishaye kasikhombisa ngokwezono zenu.
22 Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, + ziyoniphuca abantwana, + ziqede imfuyo yenu, zinciphise isibalo senu, izindlela zenu zingabi namuntu. +
23 “‘Uma ningangivumeli nginiqondise naphezu kwalezi zinto + futhi niphikelela ngokuhamba ngokumelene nami,
24 nami ngiyohamba ngokumelene nani, mina ngokwami ngiyonishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.
25 Ngiyoletha phezu kwenu inkemba yokuphindisela ngenxa yokuphula isivumelwano. + Uma niqoqanela emadolobheni enu, ngiyothumela isifo phakathi kwenu, + ninikelwe esandleni sesitha. +
26 Lapho ngibhidliza izindawo* enigcina kuzo isinkwa, *+ abesifazane abayishumi bayobhaka isinkwa senu kuhhavini owodwa bese bekala isisindo sesinkwa senu; + niyodla kodwa ngeke nisuthe. +
27 “‘Uma ningeke ningilalele naphezu kwalokhu, niphikelela ngokuhamba ngokumelene nami,
28 ngiyomelana kakhulu nani, + mina ngokwami kuyomelwe nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu.
29 Ngakho kuyomelwe nidle inyama yamadodana enu futhi niyodla inyama yamadodakazi enu. +
30 Ngiyoziqothula izindawo zenu eziphakeme ezingcwele + nginqume izinti zenu zempepho, ngibeke izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithixo zenu ezinyanyekayo, *+ futhi ngiyonifulathela ngoba nginenyanya. +
31 Amadolobha enu ngiyowanikela enkembeni, + ngenze izindlu zenu ezingcwele zibe incithakalo, futhi ngeke ngiwahogele amaphunga amnandi* emihlatshelo yenu.
32 Mina ngokwami ngiyokwenza izwe libe incithakalo, + izitha zenu ezihlala kulo ziyoligqolozela ngokumangala. +
33 Ngiyonihlakaza phakathi kwezizwe, + ngihoshe inkemba emgodleni nginilandele; + izwe lenu liyokwenziwa incithakalo, + namadolobha enu aqothulwe.
34 “‘Ngaleso sikhathi izwe liyokhokha amasabatha alo zonke izinsuku zokuba kwalo incithakalo, kuyilapho nina nisezweni lezitha zenu. Ngaleso sikhathi izwe liyophumula,* njengoba kuyomelwe likhokhe amasabatha alo. +
35 Liyophumula zonke izinsuku eliyincithakalo ngazo, ngenxa yokuthi aliphumulanga phakathi namasabatha enu lapho nihlala kulo.
36 “‘Ngokuqondene nalabo abasindayo, + ngiyokwenza izinhliziyo zabo ziphelelwe ithemba emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga eliphephukayo uyobenza babaleke, bayobaleka njengomuntu obalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo. +
37 Bayokhubana bodwa njengalabo ababalekela inkemba, nakuba kungekho muntu obaxoshayo. Ngeke nikwazi ukumelana nezitha zenu. +
38 Niyoshabalala phakathi kwezizwe, + izwe lezitha zenu linishwabadele.
39 Labo abasele bayobolela emazweni ezitha zenu + ngenxa yesiphambeko senu. Impela, bayobola baphele ngenxa yeziphambeko zawoyise. +
40 Ngemva kwalokho, bayosivuma isiphambeko sabo, + nesiphambeko nokungathembeki koyise bavume ukuthi baziphathe ngokungathembeki ngokuhamba ngokumelene nami. +
41 Nami ngahamba ngokumelene nabo + ngokubaletha ezweni lezitha zabo. +
“‘Mhlawumbe ngaleso sikhathi inhliziyo yabo enenkani iyothotshiswa, + bese bekhokha isiphambeko sabo.
42 Ngiyosikhumbula isivumelwano sami noJakobe, + nesivumelwano sami no-Isaka, + ngiyokhumbula nesivumelwano sami no-Abrahama, + nezwe ngiyolikhumbula.
43 Ngesikhathi belishiyile izwe, lalikhokha amasabatha alo, + lihleli liyincithakalo ngaphandle kwabo, bona babekhokha ngenxa yesiphambeko sabo, ngoba bazinqaba izinqumo zami zokwahlulela futhi bayenyanya imithetho yami. +
44 Kodwa naphezu kwakho konke lokhu, uma nje besesezweni lezitha zabo, angisoze ngabalahla ngokuphelele + noma ngibachithe ngezinga lokuthi ngize ngibaqothule, okuyinto eyokwephula isivumelwano sami + nabo, ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.
45 Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano engasenza nokhokho babo + engabakhipha ezweni laseGibhithe phambi kwamehlo ezizwe, + ukuze ngibe uNkulunkulu wabo. NginguJehova.’”
46 Lezi yiziqondiso, izinqumo zokwahlulela nemithetho uJehova ayimisa phakathi kwakhe nama-Israyeli eNtabeni iSinayi ngoMose. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “nithuthumele ngendlu.” NgesiHebheru, “nesabe indlu.”
^ NgesiHebheru, “Ngiyophendukela kini.”
^ NgesiHebheru, “ukuhamba niqonde.”
^ NgesiHebheru, “izinduku.” Kungenzeka libhekisela ezindukwini ezazisetshenziselwa ukugcina izinkwa.
^ Noma, “ukudla.”
^ Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
^ Noma, “anelisayo; azolisayo.” NgesiHebheru, “azolile.”
^ Noma, “liyogcina isabatha.”