uJobe 9:1-35
9 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela ngiyazi ukuthi kunjalo.
Kodwa umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha phambi kukaNkulunkulu? +
3 Uma kukhona ofisa ukuphikisana naye, *+Lowo muntu ngeke akwazi ukuphendula ngisho nowodwa umbuzo wakhe kweyinkulungwane.
4 Unenhliziyo ehlakaniphile futhi unamandla amakhulu. +
Ubani ongamelana naye futhi asale engenamyocu? +
5 Ugudluza* izintaba kungekho noyedwa owaziyo;Uyazigumbuqela ngentukuthelo yakhe.
6 Uzamazamisa umhlaba,Kangangokuba izinsika zawo ziyaqhaqhazela. +
7 Uyala ilanga ukuba lingakhanyiAfihle ukukhanya kwezinkanyezi; +
8 Yena uqobo welula amazulu, +
Anyathele phezu kwamagagasi aphakeme olwandle. +
9 Wenza iqoqo lezinkanyezi i-Ashi, iKhesili neKhima, +Namaqoqo ezinkanyezi asesibhakabhakeni saseningizimu;*
10 Wenza izinto ezinkulu ezingaphenyeki, +Izinto ezimangalisayo ezingabaleki. +
11 Udlula ngakimi kodwa angikwazi ukumbona;Udlula ngakimi, kodwa angimqapheli.
12 Lapho ehlwitha okuthile, ubani ongamnqanda?
Ubani ongathi kuye, ‘Wenzani?’ +
13 UNkulunkulu ngeke alubambe ulaka lwakhe; +Ngisho nabasizi bakaRahabi *+ bayokhothama kuye.
14 Kangakanani-ke lapho ngimphendulaIngabe kumelwe ngikhethe amazwi ami ngokucophelela ukuze ngikhulume naye?
15 Ngisho noma bengingenaphutha, bengingeke ngimphendule. +
Ebengingakwenza nje ukunxusa isihe kumahluleli wami.*
16 Uma ngimbiza, uyongiphendula yini?
Angikholwa ukuthi uyolilalela izwi lami,
17 Ngoba ungichoboza ngazo zonke izinhlekeleleAndise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu. +
18 Akanginiki ithuba lokukhokha umoya;Ulokhu andisa ubuhlungu bami.
19 Uma kuziwa emandleni, nguye onamandla. +
Endabeni yobulungisa, uthi: ‘Ubani ongangibizela ukuzolandisa?’
20 Ngisho noma bengingenaphutha, umlomo wami ubuyongilahla;Ngisho noma ngigcina ubuqotho bami,* uyothi nginecala.*
21 Ngisho noma ngigcina ubuqotho bami,* angizethembi;Angikufuni* ukuphila kwami.
22 Konke kuyafana. Yingakho ngithi,‘Ubhubhisa ongenacala* nomubi ngendlela efanayo.’
23 UNkulunkulu uyobahleka abangenacala,Labo abafa ngokuzumayo bebulawa isikhukhula esisheshayo.
24 Umhlaba unikelwe komubi; +UNkulunkulu umboza amehlo* abahluleli bawo.
Nguyena kuphela ongenza lokhu.
25 Izinsuku zami nazo zishesha kakhulu kunomgijimi; +Ziyabaleka zingakuboni okuhle.
26 Zihamba njengezikebhe zomhlanga,Njengezinkozi ezehla ngokushesha zifike zicaphune izilwane ezizizingelayo.
27 Uma ngingathi, ‘Ngizosikhohlwa isikhalo sami,Ngizoshintsha ngijabule,’
28 Ngisazoqhubeka ngesaba ngenxa yazo zonke izinhlungu zami, +Futhi ngiyazi ukuthi ngeke ungithole ngimsulwa.
29 Bengisayotholakala nginecala.*
Pho kungani kufanele ngikhandlekele ize? +
30 Uma ngigeza emanzini ahlanzekile,*Ngigeza nezandla zami ngensipho, *+
31 Ubuyongifaka emgodini,Kangangokuba ngisho nezingubo zami beziyonengwa yimi.
32 Ngoba akayena umuntu ofana nami ukuba ngingamphendula,Ukuba singaya naye enkantolo. +
33 Akekho umuntu onganquma* phakathi kwethu,Ongaba umahluleli wethu.*
34 Uma engayeka ukungishaya*Nokungethusa ngezinto zakhe ezesabekayo, +
35 Ngingakhuluma naye ngingesabi,Ngoba anginasizathu sokwesaba ukukhuluma naye.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukumyisa enkantolo.”
^ Noma, “Ususa.”
^ NgesiHebheru, “Namakamelo angaphakathi eningizimu.”
^ Kungenzeka lisho isilwane esikhulu sasolwandle.
^ Noma kungaba, “komelene nami emthethweni.”
^ Noma, “Ngisho noma ngimsulwa.”
^ NgesiHebheru, “ngiyisigwegwe.”
^ Noma, “Ngisho noma ngimsulwa.”
^ Noma, “Ngiyakwenyanya; Ngiyakwenqaba.”
^ Noma, “labo abagcina ubuqotho.”
^ NgesiHebheru, “ubuso.”
^ NgesiHebheru, “ngimubi.”
^ NgesiHebheru, “emanzini eqhwa.”
^ Noma, “ngensipho eyenziwe ngomlotha.”
^ Noma, “Akekho umlamuleli.”
^ NgesiHebheru, “Ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.”
^ NgesiHebheru, “engasusa induku yakhe phezu kwami.”