uJobe 7:1-21

  • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-21)

    • Ukuphila kunjengomsebenzi oyimpoqo (1, 2)

    • “Kungani amagalelo akho uwabhekise kimi?” (20)

7  “Ukuphila komuntu ofayo emhlabeni akufani yini nomsebenzi ophoqelelwe,Nezinsuku zakhe azifani yini nezesisebenzi esiqashiwe? +   Njengesigqila, ulangazelela umthunzi,Nanjengesisebenzi esiqashiwe, ulindela umholo wakhe. +   Kanjalo ukuphila kwami bekuyize izinyanga eziningiFuthi bengisosizini ubusuku obuningi. +   Lapho ngilala ngiyabuza, ‘Ngizovuka nini?’ + Kodwa njengoba ubusuku buqhubeka, ngilokhu ngiphenduphenduka kuze kuntwele ukusa.   Inyama yami imbozwe izimpethu nezigaxa zokungcola; +Isikhumba sami sigcwele izingqweqwe zezilonda nobomvu. +   Izinsuku zami zidlula ngokushesha kunenaliti yomeluki, +Ziphele kungekho themba. +   Khumbula ukuthi ukuphila kwami kuwumoya, +Ukuthi iso lami ngeke liphinde libone injabulo.*   Iso elingibona manje ngeke liphinde lingibone;Amehlo akho ayongifuna, kodwa ngiyobe ngingasekho. +   Njengefu elinyamalalayo liphele,Umuntu owehlela eThuneni* akakhuphuki. + 10  Ngeke aphinde abuyele endlini yakhe,Indawo yakhe ngeke isamazi. + 11  Ngenxa yalokho, ngeke ngiwubambe umlomo wami. Ngizokhuluma umoya wami ube ucindezelekile;Ngizokhononda ngibe ngiququdwa usizi! + 12  Ngiwulwandle yini noma isilwane esikhulu sasolwandle,Ukuba ungimisele umuntu ozongigada? 13  Lapho ngithi, ‘Usofa wami uzongiduduza;Umbhede wami uzosiza udambise usizi lwami,’ 14  Wena ungesabisa ngamaphuphoUngethuse ngemibono, 15  Kangangokuba ngingakhetha* ukucinaniswa,Impela, ngingancamela ukufa kunalo mzimba wami. *+ 16  Ngiyakwenyanya ukuphila kwami; + angisafuni ukuphila. Hlukana nami ngoba izinsuku zami zinjengomoya okhishwa ngamakhala. + 17  Uyini umuntu ofayo ukuba ukhathazeke ngayeNokuba umnake? *+ 18  Kungani umhlola njalo ekuseni,Umvivinya umzuzu nomzuzu? + 19  Ngeke yini uwasuse amehlo akho kimiUnganginiki ngisho nesikhathi sokugwinya amathe? + 20  Uma ngonile, ngingakulimaza kanjani wena, Mqapheli wesintu? + Kungani amagalelo akho uwabhekise kimi? Ingabe sengiwumthwalo kuwe? 21  Kungani ungalixoleli iphutha lamiUthethelele isiphambeko sami? Ngoba kungekudala ngizolala othulini, +Uyongifuna, kodwa ngiyobe ngingasekho.”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “okuhle.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “umphefumulo wami ungakhetha.”
NgesiHebheru, “kunamathambo ami.”
NgesiHebheru, “ubeke inhliziyo yakho kuye.”