uJobe 37:1-24

  • Amandla emvelo embula ubukhulu bukaNkulunkulu (1-24)

    • UNkulunkulu angayiqeda imisebenzi yomuntu (7)

    • ‘Cabangisisa ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu’ (14)

    • Abantu abanakumqonda uNkulunkulu (23)

    • Akekho umuntu okufanele acabange ukuthi uhlakaniphile (24)

37  “Manje inhliziyo yami ishaya ngamandla,Futhi iyagxuma endaweni yayo.   Kulaleleni ngokucophelela ukugwavuma kwezwi lakheNokuduma okuphuma emlonyeni wakhe.   Ulithumela ngaphansi kwawo wonke amazulu,Athumele nombani wakhe + emaphethelweni omhlaba.   Kube sekulandela umsindo ohlokomayo;Uduma ngezwi elikhulu, +Umbani ulokhu ubaneka lapho ekhuluma.   UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe + ngendlela emangalisayo;Wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda. +   Ngoba uthi eqhweni, ‘Khithika emhlabeni,’ + Nasemvuleni enkulu, ‘Yina ngamandla.’ +   UNkulunkulu uqeda yonke imisebenzi yabantuUkuze wonke umuntu ofayo awazi umsebenzi waKhe.   Izilwane zasendle zingena emigedeni yazo,Zihlale kuyo.   Kufika isivunguvungu somoya +Namakhaza avela emoyeni wasenyakatho. + 10  Ngokuphefumula kukaNkulunkulu, kwakheka iqhwa, +Nezindawo eziningi ezinamanzi ziba yiqhwa. + 11  Wenza amafu asindwe umswakama;Umbani wakhe + uwusakaza emafwini; 12  Ayaphenduphenduka aye lapho ewaqondisa khona;Enza noma yini awayala ukuba ayenze + emhlabeni. 13  Kungakhathaliseki ukuthi kungenjongo yokujezisa *+ noma yokunisela umhlabaNoma ngenxa yothando oluqotho, ubangela ukuba kwenzeke. + 14  Lalela Jobe;Ake ume ucabangisise ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu. + 15  Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwalawula* kanjani amafuNokuthi uwenza kanjani umbani ukuba ubanike efwini lakhe? 16  Uyazi yini ukuthi amafu ama kanjani emoyeni? + Lena imisebenzi emangalisayo yaLowo onolwazi oluphelele. + 17  Kungani izingubo zakho zishisaKuyilapho umhlaba uzoliswa umoya oseningizimu? + 18  Ungasisabalalisa* yini kanye naye isibhakabhaka +Siqine njengesibuko sensimbi? 19  Sitshele okufanele sikusho kuye;Asikwazi ukuphendula ngoba sisebumnyameni. 20  Ngingamtshela yini uNkulunkulu ukuthi ngifuna ukukhuluma naye? Noma ukhona yini umuntu osho okuthile okufanele kuxoxwe naye? + 21  Abakwazi nokubona ukukhanya,*Nakuba kukhanya esibhakabhakeni,Kuze kube yilapho kudlula umoya uphephule amafu. 22  Enyakatho kuvela ubukhazikhazi begolide;Ubukhulu bukaNkulunkulu + buyamangalisa. 23  Ngeke sikwazi ukuqonda uMninimandla Onke; +Unamandla amakhulu, +Futhi akalokothi ahlanekezele ubulungisa bakhe + nokulunga kwakhe okukhulu. + 24  Ngakho abantu kufanele bamesabe. + Ngoba umelene nanoma ubani ocabanga ukuthi uhlakaniphile.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “yenduku.”
Noma, “uwayala.”
Noma, “Ungasicangcatha.”
Okuwukuthi, ukukhanya kwelanga.