uJobe 35:1-16

  • U-Elihu uveza ukucabanga kukaJobe okuyiphutha (1-16)

    • UJobe uthe ulunge ngaphezu kukaNkulunkulu (2)

    • UNkulunkulu uphakeme kakhulu, isono asimlimazi (5, 6)

    • UJobe kufanele alinde uNkulunkulu (14)

35  U-Elihu waqhubeka waphendula, wathi:   “Ingabe ngempela ucabanga ukuthi ulungile kangangokuba uze uthi,‘Ngilunge ngaphezu kukaNkulunkulu’? +   Ngoba uthi, ‘Kunanzuzoni kuwe?* Kukhona yini engikuzuzile ngenxa yokuthi angonanga?’ +   Mina ngizokuphendulaNgiphendule nabangane bakho + abakanye nawe.   Bheka phezulu ezulwini ubone,Bukisisa amafu, + wona aphakeme kakhulu kunawe.   Uma wenza isono, ulimala kanjani yena? + Uma iziphambeko zakho zanda, yini oyenzayo kuye? +   Uma kuwukuthi ulungile, umnikani yena;Utholani kuwe? +   Ububi bakho buthinta umuntu onjengawe kuphela,Nokulunga kwakho kuthinta abantu kuphela.   Abantu bayakhala lapho becindezeleke kakhulu;Bakhalela usizo ngenxa yabantu abanamandla abalawulayo. *+ 10  Kodwa akekho othi, ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami Omkhulu, +Lowo obangela ukuba kuculwe izingoma ebusuku?’ + 11  Usifundisa + ngaphezu kwezilwane zomhlaba, +Asenze sihlakaniphe ukwedlula izinyoni zamazulu. 12  Abantu bayakhala, kodwa akaphenduli, +Ngenxa yokuqhosha kwababi. + 13  UNkulunkulu akakuzwa ukukhala okungamanga; *+UMninimandla Onke akagxili kukho. 14  Kangakanani-ke lapho ukhala ngokuthi awumboni! + Icala lakho liphambi kwakhe, ngakho kufanele umlinde. + 15  Ngoba intukuthelo yakhe ayizange imenze afune ulandise;Futhi akazange akunake ukuphahluka kwakho okwedlulele. + 16  UJobe uwuvula kakhulu umlomo wakhe awuvulele ize;Ukhuluma kakhulu engenalwazi.” +

Imibhalo yaphansi

Cishe kubhekiselwa kuNkulunkulu.
NgesiHebheru, “yengalo yabanamandla.”
Noma, “okuyize.”