uJobe 23:1-17

  • Impendulo kaJobe (1-17)

    • Ufuna ukwethula udaba lwakhe phambi kukaNkulunkulu (1-7)

    • Uthi akamtholi uNkulunkulu (8, 9)

    • ‘Ngihambe endleleni yakhe ngangaphambuka’ (11)

23  UJobe waphendula wathi:   “Ngisho nanamuhla ngisazoqhubeka ngikhononda; +Amandla ami aphelile ngenxa yokububula kwami.   Ukube nje bengazi ukuthi ngingamtholaphi uNkulunkulu! + Bengizoya endaweni ahlala kuyo. +   Bengiyokwethula udaba lwami phambi kwakhe,Ngiveze wonke amaphuzu angivunayo;   Bengiyoyilalela impendulo yakhe,Ngikunake akushoyo kimi.   Ingabe ubeyosebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze alwisane nami? Lutho! Nakanjani ubeyongilalela. +   Lapho, phambi kwakhe, udaba loqotho luyoxazululwa,Futhi uMahluleli wami uyongithola ngingenacala.   Kodwa uma ngiya empumalanga, akekho lapho;Noma ngibuyela emuva, angimtholi.   Lapho esebenza kwesobunxele, angikwazi ukumbona;Ube esephendukela kwesokudla, kodwa nalapho angimboni. 10  Kodwa uyayazi indlela engiyithathile. + Ngemva kokuba esengivivinyile, ngiyophuma nginjengegolide elingaxutshiwe. + 11  Izinyawo zami zizilandele eduze izinyathelo zakhe;Ngihambe endleleni yakhe ngangaphambuka. + 12  Angizange ngisuke emyalweni wezindebe zakhe. + Ngenze okungaphezu kwalokho abekudinga kimi.* 13  Uma ezimisele ukwenza into, ubani ongamelana naye? + Uma efuna ukwenza okuthile, uyakwenza. + 14  Ngoba uyokufeza ngokuphelele enginqunyelwe kona,*Futhi unezinto eziningi ezifana nalezi engqondweni yakhe. 15  Yingakho ngikhathazekile ngenxa yakhe;Lapho ngicabanga ngaye, ngizwa ngishaywa uvalo. 16  UNkulunkulu ungenze ngaba netwetwe,UMninimandla Onke ungenze ngesaba. 17  Kodwa angikathuliswa ubumnyamaNoma amafu amnyama amboze ubuso bami.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ebengikuyaleziwe.”
Noma, “engikuyaleziwe.”