uJobe 18:1-21
18 UBhilidadi + umShuhi waphendula wathi:
2 “Kuyoze kube nini nikhuluma* lezo zinto?
Bonisani ukuqonda ukuze sikwazi ukukhuluma.
3 Kungani nisibheka njengezilwane +Futhi nisibheka njengeziphukuphuku?*
4 Ngisho noma ungazidephuna ube izicucu ngenxa yentukuthelo yakho,Ingabe umhlaba uyoshiywa ngenxa yakho,Noma ingabe idwala liyogudluka endaweni yalo?
5 Impela, ukukhanya komubi kuyocima,Nelangabi lomlilo wakhe ngeke likhanye. +
6 Ukukhanya okusetendeni lakhe nakanjani kuyofiphala,Nesibani esimkhanyiselayo siyocima.
7 Amagxathu akhe obungqabavu ayathothana,Neseluleko sakhe siyomwisa. +
8 Ngoba izinyawo zakhe ziyomholela enethini,*Uphokophele ekubanjweni inethi.
9 Isicupho siyombamba ngesithende;Ugibe luyombamba. +
10 Intambo acushwe ngayo ifihlwe emhlabathini,Isicupho sisendleleni yakhe.
11 Izinto ezimethusayo zimqhamukela nxazonke, +Zisezithendeni zakhe.
12 Amandla akhe ayaphela,Nenhlekelele + iyomenza adiyazele.*
13 Isikhumba sakhe sidlekile;Isifo esibulala kunazo zonke* sidla izingalo nemilenze yakhe.
14 Ususwa etendeni lakhe eliphephile +Ayiswe enkosini yezinto ezesabisayo.*
15 Etendeni lakhe kuyohlala izihambi;*Umuzi wakhe uyoqothulwa ngomlilo. *+
16 Izimpande zakhe ziyokoma ngaphansi kwakhe,Namagatsha akhe abune phezu kwakhe.
17 Ukukhunjulwa kwakhe kuyoshabalala emhlabeni,Negama lakhe ngeke laziwe* esitaladini.
18 Uyosuswa ekukhanyeni ayiswe ebumnyameni,Axoshwe ezweni elikhiqizayo.
19 Ngeke abe nanzalo nazizukulwane kubantu bakubo,Futhi ngeke abe namuntu osele endaweni ahlala kuyo.*
20 Lapho usuku lwakhe lufika, abantu baseNtshonalanga bayomangalaNabantu baseMpumalanga bayoshaqeka.
21 Yilokho okwenzeka ematendeni omenzi wobubiNasendaweni yomuntu ongazange amazi uNkulunkulu.”
Imibhalo yaphansi
^ Kungenzeka kubhekiselwa kuJobe nalabo abafana naye noma abazwelana naye.
^ Noma kungaba, “njengabangcolile.”
^ Noma, “esicuphweni.”
^ Noma, “axhuge.”
^ NgesiHebheru, “Izibulo lokufa.”
^ Noma, “ekufeni okunyantisayo.”
^ NgesiHebheru, “okungekona okwakhe.”
^ Noma, “ngesibabule esivuthayo.”
^ NgesiHebheru, “Ngeke abe nagama.”
^ Noma, “endaweni yakhe yokuhlala yesikhashana.”