uJobe 17:1-16
17 “Umoya wami uphukile, izinsuku zami zicinyiwe;Ithuna lingilindile. +
2 Ngizungezwe abahleki bosulu, +Iso lami kumelwe ligqolozele ukuziphatha kwabo kokudlubulunda.
3 Ngicela wamukele isibambiso sami, usigcine kuwe.
Ubani omunye ozoxhawulana nami enze isithembiso ngenxa yami? +
4 Ngoba ukufihlile ukuqonda ezinhliziyweni zabo; +Yingakho ungabaphakamisi.
5 Umuntu angase aphe abangane bakhe izinto zakhe,Kuyilapho amehlo ezingane zakhe efiphala.
6 UNkulunkulu ungenze inhlekisa* phakathi kwezizwe, +Kangangokuba ngaba umuntu okhafulelwa ebusweni. +
7 Amehlo ami awasaboni kahle* ngenxa yokukhathazeka, +Izingalo nemilenze yami kunjengethunzi.
8 Abantu abaqotho bayamangala lapho bebona lokhu,Nomsulwa uphazanyiswa ongamesabi uNkulunkulu.*
9 Olungile ulokhu ebambelele ngokuqinile endleleni yakhe, +Nonezandla ezihlanzekile uba namandla. +
10 Nokho, nonke ningeza nizoqhubeka nokuphikisa kwenu,Ngoba angikatholi muntu ohlakaniphile phakathi kwenu. +
11 Izinsuku zami ziphelile; +Amacebo kanye nezifiso zami kushabalele. +
12 Ubusuku bami babuphendula imini,Bethi, ‘Kumelwe ukuba ukukhanya sekuseduze ngoba kumnyama.’
13 Uma ngilinda, iThuna* liyoba ikhaya lami; +Ngiyokwendlala umbhede wami ebumnyameni. +
14 Ngiyothi egodini, *+ ‘Ungubaba wami!’
Empethwini ngithi, ‘Ungumama wami nodadewethu!’
15 Likuphi-ke ithemba lami? +
Ubani ongangibonela lona?
16 Liyokwehlela emigoqweni yeThuna,*Nami ngiyokwehlela othulini kanye nalo.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “isaga.”
^ Noma, “asenqundekile.”
^ Noma, “isihlubuki.”
^ Noma, “iShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ethuneni.”
^ Noma, “yeShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.