uJobe 13:1-28
13 “Yebo, iso lami likubonile konke lokhu,Indlebe yami ikuzwile yakuqonda.
2 Lokho enikwaziyo nami ngiyakwazi;Angikho phansi kunani.
3 Mina, bengingancamela ukukhuluma noMninimandla Onke uqobo lwakhe;Ngifisa ukukhuluma udaba lwami noNkulunkulu. +
4 Kodwa nina ningibheca ngamanga;Nonke ningodokotela abangasizi ngalutho. +
5 Ukube nje beningathula du,Lokho bekuyobonisa ukuthi nihlakaniphile. +
6 Ngicela nilalele uvo* lwami,Ninake ukuncenga kwami.
7 Ingabe niyokhuluma ngendlela engenabulungisa ngoNkulunkulu,Futhi ingabe niyokhuluma inkohliso ngaye?
8 Ingabe niyoba ngasohlangothini lwakhe,*Nizame ukulwela uNkulunkulu weqiniso?
9 Kuyonihambela kahle yini uma enihlola? +
Ingabe niyomenza isiphukuphuku ngendlela eningenza ngayo umuntu ofayo?
10 Nakanjani uyonisolaUma nizama ukubonisa ukukhetha ekusithekeni. +
11 Ngeke yini nethuswe ngisho nayisithunzi sakhe,Nifikelwe ukumesaba?
12 Amazwi enu okuhlakanipha* ayizaga zomlotha;Enizivikela ngakho kuntekenteke njengezivikelo zobumba.
13 Thulani ukuze ngikhulume.
Ngemva kwalokho noma yini engase ingehlele mayingehlele!
14 Kungani ngizifaka engozini,Ngibeka ukuphila* kwami ezandleni zami?
15 Nakuba engase angibulale, bengiyoqhubeka ngilinde; +Bengiyokhuluma naye udaba lwami.*
16 Ubeyoba insindiso yami, +Ngoba akukho muntu ongamesabi uNkulunkulu* ongangena phambi kwakhe. +
17 Lilalelisiseni izwi lami;Nakani engikushoyo.
18 Bhekani manje, ngikulungele ukwethula icala lami enkantolo;Ngiyazi ukuthi ngimsulwa.
19 Ubani ozophikisana nami?
Ngingafa uma ngingathula!
20 Nkulunkulu, zimbili izinto engizicela kuwe.Ngemva kwalokho ngeke ngisazifihla kuwe:
21 Dedisela kude nami isandla sakho esisindayo,Ungavumeli ukukwesaba kwami kungethuse. +
22 Kungaba ngcono ubize, mina ngiphendule,Noma mina ngikhulume, wena ungiphendule.
23 Ziyini iziphambeko nezono zami?
Ngambulele iseqo sami nesono sami.
24 Kungani ungifihlela ubuso bakho +Futhi ungibheka njengesitha sakho? +
25 Ingabe uyozama ukwesabisa iqabunga elipheshulwa umoyaNoma uxoshane nezinhlanga ezomile?
26 Ngoba ulokhu uloba izinsolo ezimbi ngami,Futhi ungenza ngiphendule ngezono zasebusheni bami.
27 Ufake izinyawo zami kozankosi,*Ucubungula zonke izindlela zami,Ulandela lapho nginyathele khona.
28 Ngakho umuntu* ubola njengento ebolile,Njengengubo edliwe inundu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “imibono.”
^ Noma, “niyomphatha ngokukhetha.”
^ Noma, “angalibaleki.”
^ Noma, “umphefumulo.”
^ Noma, “Bengiyovikela izindlela zami.”
^ Noma, “sihlubuki.”
^ Noma, “ezingongolweni.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, elithi “umuntu,” kungenzeka libhekisela kuJobe.