uJobe 11:1-20

  • Inkulumo yokuqala kaSofari (1-20)

    • Usola uJobe ngenkulumo eyize (2, 3)

    • Utshela uJobe ukuba adede kokubi (14)

11  USofari + umNahama waphendula wathi:   “Ingabe wonke la mazwi ngeke aphendulwe,Noma ingabe ukukhuluma kakhulu kuyokwenza umuntu abe ongenaphutha?*   Ingabe inkulumo yakho eyize iyobathulisa abantu? Ingabe akekho oyokuthethisela amazwi akho ayinhlekisa? +   Ngoba uthi, ‘Engikufundisayo kumsulwa, +Ngihlanzekile emehlweni akho.’ +   Kodwa ukube uNkulunkulu ubengakhulumaAkuvulele umlomo wakhe! +   Ubeyokwambulela izimfihlo zokuhlakanipha,Ngoba kuningi esingakufunda ngokuhlakanipha. Ubuyobona ukuthi uNkulunkulu uvumela ezinye zeziphambeko zakho ukuba zilibaleke.   Ungazithola yini izinto ezijulile zikaNkulunkuluNoma uthole konke* ngoMninimandla Onke?   Kuphakeme kunezulu. Yini ongayifeza? Kujulile kuneThuna.* Yini ongase uyazi?   Kude kunomhlaba,Kubanzi kunolwandle. 10  Uma uNkulunkulu edlula bese ebamba othile amyise enkantolo,Ubani ongamvimba? 11  Ngoba uyabona lapho abantu bekhohlisa. Lapho ebona izinto ezimbi, ngeke yini anake? 12  Umuntu ongenangqondo uyoba nokuqondaMhla imbongolo yasendle yazala umuntu.* 13  Ukube nje ubuyoyilungisa inhliziyo yakhoWelulele izandla zakho kuye. 14  Uma isandla sakho senza okubi, kudedisele kude,Ukungalungi makungahlali ematendeni akho. 15  Ngoba ngaleso sikhathi uyophakamisa ikhanda lakho ungenamahloni;Uyoma uqine, ungesabi lutho. 16  Uyozikhohlwa izinkathazo zakho;Uyozikhohlwa njengamanzi asehle ngomfula. 17  Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini;Ngisho nobumnyama bako buyofana nokusa. 18  Uyoqiniseka ngoba likhona ithemba,Uyoqalaza futhi ulale ngokulondeka. 19  Uyolala, kungekho muntu okwenza wesabe,Abantu abaningi bayozama ukuthola umusa wakho. 20  Kodwa amehlo ababi ayofiphala;Ngeke bayithole indawo abayobalekela kuyo, Ithemba labo liyoba ukufa.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ingabe umuntu oziqhayisayo uyoba ongenaphutha?”
Noma, “umkhawulo wobukhulu.”
Noma, “kuneShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Mhla imbongolo yasendle izalwa ingumuntu.”