UJeremiya 9:1-26
9 O ukube ikhanda lami belingamanzi,Amehlo ami engumthombo wezinyembezi! +
Khona-ke bengiyokhala imini nobusukuNgenxa yababulewe kubantu bakithi.
2 O ukube benginendawo yokuhlala ehlane!
Bengiyobashiya abantu bakithi ngisuke kubo,Ngoba bonke bayiziphingi, +Iqembu labakhohlisi.
3 Bagobisa ulimi lwabo njengomnsalo;Ezweni kugcwele amanga, ukwethembeka akukho. +
“Ngoba basuka kokubi baye kokubi,Abanginaki nokunginaka,” + kusho uJehova.
4 “Yilowo nalowo makaqaphe umakhelwane wakhe,Ungamethembi ngisho nomfowenu.
Ngoba bonke abafowenu abathembekile, +Futhi bonke omakhelwane bakho bangabanyundeli. +
5 Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe,Akekho okhuluma iqiniso.
Bafundise ulimi lwabo ukukhuluma amanga. +
Bazikhathaza ngokwenza okubi.
6 Wena uphila phakathi kwabantu abakhohlisayo.
Ngenkohliso yabo benqabile ukungazi,” kusho uJehova.
7 Ngakho yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Ngizobancibilikisa futhi ngibahlole, +Ngoba yini enye engingayenza ngalaba bantu?
8 Ulimi lwabo luwumcibisholo obulalayo, luyakhohlisa.
Ngomlomo wakhe, umuntu ukhuluma kahle nomakhelwane wakhe,Kodwa enhliziyweni yakhe umakhela uzungu.”
9 “Akufanele yini ngibahlulele ngenxa yalezi zinto?” kusho uJehova.
“Akufanele yini ngiziphindiselele esizweni esinjengalesi? +
10 Ngiyokhala ngilile ngenxa yezintaba,Ngihlabelele ingoma yokulila ngenxa yamadlelo asehlane,Ngoba ashisiwe ukuze kungadluli muntu,Akukho msindo wemfuyo ozwakalayo.
Izinyoni zezulu nezilwane kubalekile; kuhambile. +
11 Ngizokwenza iJerusalema libe yinqwaba yamatshe, + indawo okuhlala kuyo izimpungushe, +Ngizokwenza amadolobha akwaJuda abe amanxiwa, kungahlali muntu. +
12 Ubani ohlakaniphile ukuba akuqonde lokhu?
Ubani uJehova amtshele ngalokhu ukuze akumemezele kwabanye?
Kungani izwe lishabalele?
Kungani lishisiwe njengehlane,Ukuze kungabi namuntu odabula kulo?”
13 UJehova wathi: “Ngenxa yokuthi bawushiyile umthetho* wami engabanika wona, nangenxa yokuthi abazange bawulandele futhi abalilalelanga izwi lami,
14 kodwa ngenkani balandele izinhliziyo zabo + nemifanekiso yoBhali, njengoba babefundiswe oyise. +
15 Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngenza ukuba laba bantu badle umhlonyane, ngizobenza baphuze amanzi anoshevu. +
16 Ngizobahlakazela ezizweni abangazange bazazi bona nokhokho babo, + futhi ngizothumela inkemba emva kwabo kuze kube yilapho sengibaqothulile.’ +
17 Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo,‘Yibani nokuqonda.
Bizani abesifazane abahlabelela izingoma zokulila, +Nibize abesifazane abanekhono,
18 Ukuze basheshe bahlabelele ingoma yokulila,Ukuze amehlo ethu ageleze izinyembeziNezinkophe zethu ziconse amanzi. +
19 Ngoba kuzwakale umsindo wesililo eZiyoni: +
“Yeka indlela esishaqeke ngayo!
Sinamahloni!
Ngoba silishiyile izwe futhi bayibhidlizile imizi yethu.” +
20 Nina besifazane, yizwani izwi likaJehova.
Kwangathi indlebe yenu ingalamukela izwi lakhe.
Fundisani amadodakazi enu lesi sililo,Nifundisane ingoma yokulila. +
21 Ngoba ukufa kungene ngamafasitela ethu;Kungene emibhoshongweni yethu enezivikeloUkuze kubulale abantwana emigwaqweni,Nezinsizwa ezigcawini.’ +
22 Yithi, ‘Yilokhu uJehova akushoyo:
“Izidumbu zabantu ziyoba njengomquba emhlabathini,Njengezixha zokudla okusanhlamvu ezisanda kusikwa umvuni,Kungekho muntu ozibuthayo.” ’ ” +
23 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Umuntu ohlakaniphile makangazigabisi ngokuhlakanipha kwakhe; +Indoda enamandla mayingazigabisi ngamandla ayo;Umuntu ocebile makangazigabisi ngengcebo yakhe.” +
24 “Kodwa ozigabisayo makazigabise ngenxa yalokhu:
Ukuthi unokuqonda futhi uyangazi, +Ukuthi nginguJehova, Lowo obonisa uthando oluqotho, ubulungisa, nokulunga emhlabeni, +Ngoba lezi zinto ziyangijabulisa,” + kusho uJehova.
25 “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “engiyojezisa ngazo wonke umuntu osokile kodwa ebe engasokile ngempela, +
26 eGibhithe, + kwaJuda, + kwa-Edomi, + kwa-Amoni + nakwaMowabi + nabo bonke abashefe amahwanqa abahlala ehlane; + ngoba zonke izizwe azisokile, nayo yonke indlu ka-Israyeli ayisokile enhliziyweni.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isiqondiso.”