UJeremiya 19:1-15
19 Yilokhu uJehova akushilo: “Hamba, uthenge isitsha sobumba kumbumbi, + uhambe nabathile emadodeni amadala kubantu nabathile emadodeni amadala kubapristi,
2 uye eSigodini Sendodana KaHinomu, + esisemnyango weSango Lombumbi. Ufike umemezele la mazwi engikutshela wona.
3 Uthi, ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani zakhamuzi zaseJerusalema. Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo:
“ ‘ “Ngizoletha inhlekelele kule ndawo, noma ubani oyozwa ngayo uyoshaqeka.
4 Ngoba bangishiyile + futhi benze le ndawo ngangabe ngisayiqaphela. + Benzela abanye onkulunkulu ababengabazi imihlatshelo kuyo, bona nokhokho babo namakhosi akwaJuda, bagcwalise le ndawo ngegazi labantu abangenacala. +
5 Bakhe izindawo eziphakeme zikaBhali ukuze bashise amadodana abo emlilweni njengeminikelo eshiswa ngokuphelele eya kuBhali, + into engingazange ngiyiyaleze noma ngikhulume ngayo, nengingakaze ngiyicabange nokuyicabanga.” ’ *+
6 “ ‘ “Ngakho lalelani, kuza izinsuku,” kusho uJehova, “lapho le ndawo ingeke isabizwa ngokuthi yiThofeti noma yiSigodi Sendodana KaHinomu, kodwa iyobizwa ngokuthi yiSigodi Sokubulala. +
7 Ngiyowabhuntshisa amacebo abantu bakwaJuda nabaseJerusalema kule ndawo, ngiyobanikela enkembeni yezitha zabo nakulabo abafuna ukubabulala. Izidumbu zabo ngiyozinika izinyoni zamazulu nezilwane zasendle ukuba zidle. +
8 Leli dolobha ngiyolenza into eshaqisayo nento yokushayelwa ikhwela. Wonke umuntu odlula ngakulo uyoligqolozela eshaqekile aze ashaye ikhwela ngenxa yakho konke okulehlele. +
9 Ngiyokwenza ukuba badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, futhi yilowo nalowo uyodla inyama yomuntu wakubo, ngenxa yokuvinjezelwa nokuswela lapho becindezelwe izitha zabo nalabo abafuna ukubabulala.” ’ +
10 “Uyobe ususiphihliza isitsha phambi kwamadoda ohamba nawo,
11 bese uthi kuwo, ‘Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Ngizosiphihliza ngale ndlela lesi sizwe naleli dolobha, njengalapho umuntu ephihliza isitsha sombumbi singabe sisalungiseka; bayongcwaba abafile eThofeti kuze kuphele indawo yokungcwaba.” ’ +
12 “ ‘Yilokho engizokwenza kule ndawo,’ kusho uJehova, ‘nasezakhamuzini zayo, ukuze ngenze leli dolobha lifane neThofeti.
13 Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcola njengeThofeti, + zonke izindlu ababenza imihlatshelo ophahleni lwazo benzela zonke izinkanyezi zamazulu + futhi bethululela abanye onkulunkulu iminikelo ephuzwayo.’ ” +
14 Lapho uJeremiya ebuya eThofeti uJehova ayemthume kulo ukuba ayoprofetha, wafike wama egcekeni lendlu kaJehova wathi kubo bonke abantu:
15 “Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngiletha kuleli dolobha nakuwo wonke amadolobhana angaphansi kwalo yonke inhlekelele engithe izolehlela, ngoba ngenkani abawalalelanga* amazwi ami.’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “nengazange ifike enhliziyweni yami.”
^ NgesiHebheru, “ngoba bayenza lukhuni intamo yabo ngokungawalaleli.”