UHoseya 11:1-12
11 “Lapho u-Israyeli esengumfana, ngamthanda, +Ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe. +
2 Lapho beqhubeka* bebabizaKwakuba yilapho beqhela nakakhulu kubo. +
Babelokhu benzela izithombe zikaBhali imihlatshelo, +Benikela imihlatshelo ezithombeni ezibaziwe. +
3 Kodwa yimi owacathulisa u-Efrayimi, + ngimbeka ezingalweni zami; +Akazange avume ukuthi ngamphulukisa.
4 Uthando nomusa + ngakusebenzisa njengentambo* ukuze ngimdonsele kimi;Nganginjengomuntu osusa ijoka emihlathini yakhe,Ngobumnene ngaletha ukudla kumuntu ngamunye.
5 Ngeke abuyele ezweni laseGibhithe, kodwa i-Asiriya liyoba inkosi yakhe, +Ngoba benqabile ukubuyela kimi. +
6 Inkemba iyophenduphenduka imelane namadolobha akhe +Iphule imigoqo yakhe iyishwabadele ngenxa yamacebo akhe. +
7 Isizwe sami sizimisele ukungathembeki kimi. +
Nakuba basibizela phezulu,* akekho ovukayo.
8 Ngingakudela kanjani Efrayimi? +
Nginganikela kanjani ngawe Israyeli?
Ngingakuphatha kanjani njenge-Adima?
Ngingakwenza kanjani ube njengeZebhoyimi? +
Inhliziyo yami isishintshile;Ngesikhathi esifanayo uzwela lwami luvusiwe. *+
9 Ngeke ngiyikhiphe intukuthelo yami evuthayo.
Ngeke ngiphinde ngimbhubhise u-Efrayimi, +Ngoba nginguNkulunkulu angiyena umuntu,ONgcwele phakathi kwakho;Ngeke ngimelane nawe ngolaka.
10 Bayolandela uJehova, uyobhonga njengebhubesi; +Lapho ebhonga, amadodana akhe ayofika ethuthumela evela entshonalanga. +
11 Bayothuthumela njengenyoni lapho bephuma eGibhithe,Njengejuba lapho bephuma ezweni lase-Asiriya; +Ngiyobahlalisa ezindlini zabo,” kusho uJehova. +
12 “U-Efrayimi ungizungeze ngamanga,Nendlu ka-Israyeli ingizungeze ngenkohliso. +
Kodwa uJuda usazulazula* noNkulunkulu,Uthembekile koNgcwelengcwele.” +
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, abaprofethi nabanye abathunyelwe ukuzofundisa u-Israyeli.
^ Ngokusobala yintambo eyayisetshenziswa umzali ukuze afundise ingane yakhe ukuhamba.
^ Okuwukuthi, ohlotsheni lokukhulekela oluphakeme.
^ NgesiHebheru, “luyavutha.”
^ Noma, “usahamba.”