UHoseya 1:1-11
1 Leli yizwi likaJehova elafika kuHoseya* indodana kaBheyeri ezinsukwini zika-Uziya, + uJothamu, + u-Ahazi + noHezekiya, + amakhosi akwaJuda, + nasezinsukwini zikaJerobowamu + indodana kaJowashi, + inkosi yakwa-Israyeli.
2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uyoshada owesifazane ofebayo* nibe nezingane zobufebe, ngoba ngenxa yobufebe* izwe limfulathele ngokuphelele uJehova.” +
3 Ngakho wahamba wayoshada noGomere indodakazi kaDibilayimi, wakhulelwa wamzalela indodana.
4 UJehova wabe esethi kuye: “Yiqambe ngokuthi uJizreyeli* ngoba kungekudala ngizoyenza ilandise indlu kaJehu + ngenxa yezenzo zokuchitha igazi zaseJizreyeli, ngiqede ubukhosi bendlu ka-Israyeli. +
5 Ngalolo suku ngiyophula umnsalo ka-Israyeli eSigodini* SaseJizreyeli.”
6 Waphinde wakhulelwa wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuHoseya: “Yiqambe ngokuthi uLo-ruhama,* ngoba ngeke ngisayibonisa isihe + indlu yakwa-Israyeli, ngoba nakanjani ngizoyihambisa. +
7 Kodwa ngizoyibonisa isihe indlu yakwaJuda, + ngiyisindise ngoJehova uNkulunkulu wayo; + ngeke ngiyisindise ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi noma ngamahhashi noma ngabagibeli bamahhashi.” +
8 Ngemva kokuyekisa uLo-ruhama ibele, wakhulelwa wazala indodana.
9 UNkulunkulu wabe esethi: “Yiqambe ngokuthi uLo-ami,* ngoba nina anibona abantu bami nami ngeke ngibe ngowenu.
10 “Isibalo sabantu* bakwa-Israyeli siyoba njengesihlabathi solwandle esingenakukalwa noma sibalwe. + Endaweni okwakuthiwa kubo, ‘Anibona abantu bami,’ + kuyothiwa kubo, ‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ +
11 Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayoqoqelwa ndawonye babe munye, + bazikhethele inhloko eyodwa baphume ezweni ngoba luyoba lukhulu usuku lukaJizreyeli. +
Imibhalo yaphansi
^ Yisifushaniso selithi Hoshaya, elisho ukuthi “Osindiswe UJah; UJah Usindisile.”
^ Noma, “oziphethe kabi.”
^ Noma, “yokuziphatha kabi.”
^ Incazelo: “UNkulunkulu Uyohlwanyela Imbewu.”
^ Noma, “eThafeni Eliphansi.”
^ Incazelo: “Ongaboniswanga Isihe.”
^ Incazelo: “Abangebona Abantu Bami.”
^ NgesiHebheru, “samadodana.”