UHezekeli 29:1-21
29 Ngonyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku luka-12 lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lithi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibhithe, uprofethe ngokumelene naye nangokumelene nalo lonke iGibhithe. +
3 Yisho la mazwi: ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Bheka ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, +Isilwane esikhulu sasolwandle esilele phakathi kwemifudlana yaso yeNayile, *+Esithe, ‘UMfula wami iNayile ungowami.
Ngizenzele wona.’ +
4 Ngizofaka amahhuku emihlathini yakho ngibangele ukuba izinhlanzi eziseNayile yakho zinamathele emazengeni akho.
Ngizokukhuphula ngikukhiphe eNayile yakho kanye nazo zonke izinhlanzi eziseNayile ezinamathele emazengeni akho.
5 Ngizokushiya ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zeNayile yakho.
Uzowela endle, ngeke ubuthwe noma uqoqelwe ndawonye. +
Ngizokunikela ezilwaneni zasendle zomhlaba nasezinyonini ezisesibhakabhakeni ukuba zikudle. +
6 Bonke abakhe eGibhithe bayokwazi ukuthi nginguJehova,Ngoba babengaselona usizo endlini ka-Israyeli njengoba nje kwakunjalo ngomhlanga. +
7 Lapho bekubamba ngesandla wafohloka,Wabangela ukuba balimaze ihlombe labo.
Lapho bencika kuwe, waphuka,Wabangela ukuba imilenze* yabo ixegezele.” +
8 “‘Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Bheka ngiletha inkemba phezu kwakho, + ngizonquma kuwe kokubili umuntu nesilwane.
9 Izwe laseGibhithe liyoba ihlane nendawo eyincithakalo; + bayokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba uthe,* ‘UMfula iNayile ungowami; yimina owenzile.’ +
10 Ngakho ngimelene nawe neNayile yakho, ngizokwenza izwe laseGibhithe libe incithakalo futhi lome, ugwadule oluqothuliwe, + kusukela eMigidoli + kuye eSiyene + kuze kufike emngceleni weTopiya.
11 Ngeke kudabule kulo umuntu noma imfuyo, + ngeke kuhlale muntu kulo iminyaka engu-40.
12 Ngizokwenza izwe laseGibhithe libe yizwe eliyihlane kunawo wonke, amadolobha akhona ayoba yihlane ukwedlula wonke amanye amadolobha iminyaka engu-40; + abaseGibhithe ngizobahlakazela ezizweni, ngibahlakazele emazweni.” +
13 “ ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ekupheleni kweminyaka engu-40 ngiyobaqoqela ndawonye abaseGibhithe babuye ezizweni abayobe behlakazekele kuzo; +
14 ngiyozibuyisa izithunjwa zaseGibhithe, ngiyozibuyisela ezweni lasePhatirosi, + ezweni ezidabuka kulo, lapho ziyoba umbuso ongabalulekile.
15 IGibhithe liyoba phansi kuneminye imibuso, ngeke lisaba namandla phezu kwezinye izizwe, + ngiyolenza libe lincane kakhulu kangangokuba ngeke likwazi ukunqoba ezinye izizwe. +
16 IGibhithe ngeke liphinde lethenjwe yindlu ka-Israyeli, + kodwa liyomane liyikhumbuze ngephutha layo lokuphendukela kwabaseGibhithe ukuze ithole usizo. Bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.” ’ ”
17 Kwathi ngonyaka ka-27, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lithi:
18 “Ndodana yomuntu, uNebukhadinezari *+ inkosi yaseBhabhiloni wenza ukuba ibutho lakhe lempi lisebenze kanzima ngokumelene neThire. + Wonke amakhanda aba yizimpandla, wonke amahlombe akhuhlwa aphucuka. Kodwa yena nebutho lakhe lempi abayitholanga inkokhelo ngomsebenzi onzima awenza eThire.
19 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo, ‘Bheka nginika uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni + izwe laseGibhithe, uzothatha umcebo walo athathe nempahla yalo eningi aliphange; kuzoba inkokhelo yebutho lakhe lempi.’
20 “ ‘Ngizomnika izwe laseGibhithe njengembuyiselo yomsebenzi wakhe onzima ngokumelene nalo,* ngoba bathatha isinyathelo ngenxa yami,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
21 “Ngalolo suku ngiyobangela ukuba indlu ka-Israyeli ihlunyelwe uphondo, *+ ngiyokunika ithuba lokukhuluma phakathi kwayo; bayokwazi ukuthi nginguJehova.”
Imibhalo yaphansi
^ Lapha nangezansi, elithi “Nayile” libhekisela emfuleni nasemiseleni yawo yokunisela.
^ NgesiHebheru, “amanyonga.”
^ NgesiHebheru, “yena uthe.”
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ NgesiHebheru, “uNebukhadirezari,” enye indlela yokulibhala.
^ Okuwukuthi, ngokumelene neThire.
^ Noma, “ngiyonika indlu ka-Israyeli amandla.”