UHezekeli 15:1-8
-
IJerusalema, isihlahla samagilebhisi esingenamsebenzi walutho (1-8)
15 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
2 “Ndodana yomuntu, sihluke ngani isihlahla samagilebhisi kwezinye izihlahla noma igatsha laso kwezinye izihlahla zasehlathini?
3 Isigxobo saso singasetshenziselwa yini ukwenza umsebenzi othile? Noma ingabe abantu bayayenza yini ngaso into yokulengisa izitsha?
4 Bheka! Siphonswa emlilweni ukuze kubaswe ngaso futhi umlilo usidla ngapha nangapha uhangule nendawo yaso emaphakathi. Ingabe ukhona umsebenzi esingawenza manje?
5 Ngisho nalapho sisaphelele, sasingasetshenziselwa lutho. Kangakanani-ke lapho umlilo ususidlile wasihangula!”
6 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Njengesihlahla samagilebhisi phakathi kwezihlahla zasehlathini, engisenze saba yinto yokubasa umlilo, ngiyosebenzelana kanjalo nabakhe eJerusalema. +
7 Ngenze ubuso bami bamelana nabo. Baphunyukile emlilweni, kodwa umlilo uzobashisa ubaqede. Niyokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngenza ubuso bami bumelane nabo.’ ” +
8 “ ‘Ngiyokwenza izwe libe incithakalo + ngenxa yokuthi benze izenzo zokungathembeki,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”