UHezekeli 11:1-25
11 Umoya wangiphakamisa wangiyisa esangweni elingasempumalanga lendlu kaJehova, esangweni elibheke empumalanga. + Kulelo sango ngabona amadoda angu-25, phakathi kwawo kwakunoJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBhenaya, izikhulu zabantu. +
2 Wabe esethi* kimi: “Ndodana yomuntu, yiwo lawa amadoda aceba okubi nanikeza iseluleko esibi kuleli* dolobha.
3 Athi, ‘Akusona yini lesi isikhathi sokwakha izindlu? + Idolobha* liyibhodwe lokupheka, *+ thina siyinyama.’
4 “Ngakho profetha ngokumelene nabo. Profetha ndodana yomuntu.” +
5 Ngemva kwalokho umoya kaJehova wafika kimi, + wathi* kimi: “Yithi, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Enikushilo kuyiqiniso, O nina ndlu ka-Israyeli, ngiyakwazi enikucabangayo.
6 Nibangele ukuba abaningi bafe kuleli dolobha, nagcwalisa imigwaqo yalo ngababulewe.” ’ ” +
7 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Izidumbu enizilahle edolobheni ziyinyama, idolobha liyibhodwe lokupheka. + Kodwa nina nizokhishwa kulo.’ ”
8 “ ‘Niyesabile inkemba, + ngizoletha inkemba imelane nani,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
9 ‘Ngizonikhipha kulo ngininikele esandleni sezifiki, nginahlulele. +
10 Nizobulawa yinkemba. + Ngizonahlulela emngceleni wakwa-Israyeli, + nizokwazi ukuthi nginguJehova. +
11 Idolobha ngeke libe yibhodwe lokupheka kini, ngeke nibe yinyama phakathi kwalo; ngizonahlulela emngceleni wakwa-Israyeli,
12 nizokwazi ukuthi nginguJehova. Ngoba anihambanga ngeziqondiso zami, anizilandelanga nezahlulelo zami, + kodwa nenze ngokuvumelana nezahlulelo zezizwe ezinizungezile.’ ” +
13 Kwathi lapho nje sengiprofethile, uPhelathiya indodana kaBhenaya wafa, ngaguqa ngakhothama ngakhala kakhulu ngathi: “Maye, Nkosi EnguMbusi Jehova! Ingabe uzobaqothula abasele bakwa-Israyeli?” +
14 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi:
15 “Ndodana yomuntu, abafowenu, labo abanelungelo lokuhlenga kubafowenu, kanye nayo yonke indlu ka-Israyeli, batshelwe yibo bonke abakhe eJerusalema, bathi, ‘Qhelelani kude noJehova. Izwe lingelethu; linikwe thina ukuba libe elethu.’
16 Ngakho-ke yithi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Nakuba ngibayise kude le bayothunjelwa phakathi kwezizwe futhi ngibahlakazele emazweni, + okwesikhashana ngizoba yindlu engcwele kubo emazweni abaye kuwo.” ’ +
17 “Ngakho yithi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngizoniqoqa ezizweni nasemazweni enihlakazekele kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli. +
18 Bayobuyela lapho, basuse zonke izinto ezinyanyekayo nemikhuba enengekayo. +
19 Ngiyobanika inhliziyo enobunye, *+ ngifake umoya omusha kubo; + ngiyosusa inhliziyo yetshe emizimbeni yabo, + ngibanike inhliziyo yenyama, *+
20 ukuze bahambe ngemithetho yami, bagcine izahlulelo zami bazihloniphe. Uma benza kanjalo bayoba abantu bami, mina ngibe uNkulunkulu wabo.” ’
21 “ ‘ “Kodwa labo abanhliziyo yabo izimisele ukuqhubeka nezinto zabo ezinyanyekayo nemikhuba yabo enengekayo, ngiyokwehlisela imiphumela yezindlela zabo phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’ ”
22 Amakherubi abe esephakamisa amaphiko awo futhi amasondo ayeseduze kwawo, + inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo. +
23 Inkazimulo kaJehova + yenyuka isuka edolobheni yayoma entabeni esempumalanga yedolobha. +
24 Umoya wabe usungiphakamisa—ngombono, ngomoya kaNkulunkulu—wangiletha kubantu abadingisiwe eKhalideya. Ngemva kwalokho umbono engangiwubonile wasuka kimi.
25 Ngaqala ukutshela abantu abadingisiwe zonke izinto uJehova ayengibonise zona.
Imibhalo yaphansi
^ Ngokusobala kubhekiselwa kuNkulunkulu.
^ Noma, “ngokumelene naleli.”
^ Okuwukuthi, idolobha laseJerusalema, lapho amaJuda ayecabanga ukuthi azovikeleka khona.
^ Noma, “liyibhodwe lokupheka elinomlomo obanzi.”
^ Ngokusobala kubhekiselwa kuNkulunkulu.
^ NgesiHebheru, “eyodwa.”
^ Okuwukuthi, elalela isiqondiso sikaNkulunkulu.