Kwabase-Efesu 2:1-22
2 Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uniphilisile nakuba nanifile eziphambekweni nasezonweni zenu, +
2 enake nahamba kuzo ngendlela efanayo neyesimiso sezinto* saleli zwe, + ngendlela efunwa umbusi womoya olawula abantu, + umoya + manje osebenza kubantu abangalaleli.
3 Yebo, kwakuphakathi kwabo lapho nathi sonke esake saziphatha khona ngokuvumelana nezifiso zenyama yethu, + senza izinto ezithandwa yinyama nemicabango yethu, + futhi ngokwemvelo sasingabantwana bolaka + njengoba nje benjalo bonke abanye.
4 Kodwa uNkulunkulu, ocebile ngesihe, + ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithande ngalo, +
5 wasiphilisa kanye noKristu, ngisho nalapho sasifile eziphambekweni +—ngomusa omkhulu nisindisiwe.
6 Ngaphezu kwalokho, wasivusa kanye naye wasihlalisa ndawonye ezindaweni zasezulwini njengabalandeli bakaKristu Jesu, +
7 ukuze ezikhathini ezizayo* abonise ingcebo edlulele yomusa wakhe omkhulu ngobumnene* bakhe kithi esimunye noKristu Jesu.
8 Ngalo musa omkhulu, nisindisiwe ngokholo, + futhi lokhu akungenxa yezenzo zenu; kunalokho, kuyisipho sikaNkulunkulu.
9 Cha, akungenxa yemisebenzi, + ukuze kungabikho muntu oba nesizathu sokuziqhayisa.
10 Singumsebenzi wezandla zikaNkulunkulu* futhi sadalwa + simunye noKristu Jesu + ukuze senze imisebenzi emihle, uNkulunkulu ayinquma kusengaphambili ukuba sihambe kuyo.
11 Ngakho-ke, khumbulani ukuthi nina bantu bezizwe ngokokuzalwa,* nake nabizwa ngokuthi “ukungasoki” yilabo ababizwa ngokuthi “ukusoka,” okwenziwa enyameni ngezandla.
12 Ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, nihlukanisiwe nombuso wakwa-Israyeli, ningenangxenye ezivumelwaneni zesithembiso; + naningenathemba ningenaye uNkulunkulu ezweni. +
13 Kodwa manje njengoba ningabalandeli bakaKristu Jesu, nina enanikade nikude seniye naba seduze ngegazi likaKristu.
14 Ngoba ungukuthula kwethu, + lowo owenza la maqembu amabili aba munye + futhi wabhidliza udonga olwaluphakathi kwawo, luwahlukanisa. +
15 Ngenyama yakhe wabuqeda lobo butha, uMthetho wemiyalo owakhiwa izinqumo, ukuze enze la maqembu amabili abe munye naye, abe umuntu omusha oyedwa + futhi enze ukuthula,
16 nokuba ngesigxobo sokuhlushwa *+ enze womabili la maqembu abuyisane ngokugcwele noNkulunkulu engumzimba owodwa, ngoba ububulele ubutha + ngomzimba wakhe.
17 Wafika wamemezela izindaba ezinhle zokuthula kini, nina enanikude, nokuthula kulabo abaseduze,
18 ngoba ngaye, womabili la maqembu, asondela ngokukhululekile kuBaba ngomoya munye.
19 Ngakho anisezona izihambi nezifiki, + kodwa niyizakhamuzi + kanye nabangcwele futhi ningamalungu endlu kaNkulunkulu, +
20 futhi nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, + kuyilapho uKristu Jesu ngokwakhe eyitshe legumbi eliyisisekelo. +
21 Simunye naye sonke isakhiwo sikhulela ekubeni ithempeli elingcwele likaJehova, *+ njengoba sihlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo. +
22 Njengoba nimunye naye, nani futhi nakhiwa ndawonye ukuba nibe yindawo yokuba uNkulunkulu ahlale kuyo ngomoya. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngokwendlela.”
^ Noma, “ezimisweni zezinto ezizayo.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ngesihe.”
^ Noma, “Singumkhiqizo womsebenzi waKhe.”
^ NgesiGreki, “ngokwenyama.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka iSithasiselo A5.