AmaHubo 140:1-13
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
140 O Jehova, ngikhulule kubantu ababi;Ngivikele kubantu abanobudlova, +
2 Labo abaceba izinto ezimbi ezinhliziyweni zabo +Ababhebhezela ingxabano usuku lonke.
3 Balola ulimi lwabo njengolwenyoka; +Ubuthi benyoka busezindebeni zabo. + (Sela)
4 O Jehova, ngivikele ezandleni zababi; +Ungiqaphe kubantu abanobudlova,Labo abaceba ukungiwisa.
5 Abazidlayo bangifihlela isicupho;Bendlala inethi ngezintambo eceleni kwendlela. +
Bangibekela izihibe. + (Sela)
6 Ngithi kuJehova: “Wena unguNkulunkulu wami.
O Jehova, lalela lapho ngicela usizo.” +
7 O Jehova Nkosi EnguMbusi, Msindisi wami onamandla,Uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi. +
8 O Jehova, ungabaniki ababi lokho abakufisayo.
Ungawaphumelelisi amacebo abo, ukuze bangaphakami. + (Sela)
9 Kwangathi amakhanda alabo abangizungezileAngambozwa ububi obuphuma ezindebeni zabo. +
10 Kwangathi amalahle avuthayo angawela phezu kwabo. +
Mabaphonswe emlilweni,Emigodini ejulile, *+ bangaphinde bavuke.
11 Kwangathi umnyundeli angeyithole indawo emhlabeni. *+
Kwangathi ububi bungabajaha abantu abanobudlova bubabulale.
12 Ngiyazi ukuthi uJehova uyomvikela ophansiAmenzele ubulungisa ompofu. +
13 Ngokuqinisekile abalungile bayolibonga igama lakho;Abaqotho bayohlala phambi kobuso bakho. *+