AmaHubo 112:1-10
112 Dumisani uJah! *+
א [Aleph]
Uyajabula umuntu owesaba uJehova, +ב [Beth]Oyijabulela kakhulu imiyalo yakhe. +
ג [Gimel]
2 Inzalo yakhe iyoba namandla emhlabeni,ד [Daleth]Isizukulwane sabaqotho siyobusiswa. +
ה [He]
3 Ingcebo nomnotho kusendlini yakhe,ו [Waw]Uyohlala elungile kuze kube phakade.
ז [Zayin]
4 Kwabaqotho ukhanya njengesibani ebumnyameni. +
ח [Heth]
Unozwela* nesihe + futhi ulungile.
ט [Teth]
5 Kumhambela kahle umuntu obolekisa ngomusa. +
י [Yod]
Usingatha izindaba zakhe ngobulungisa.
כ [Kaph]
6 Ngeke nanini antengantengiswe. +
ל [Lamed]
Olungile uyokhunjulwa kuze kube phakade. +
מ [Mem]
7 Ngeke azesabe izindaba ezimbi. +
נ [Nun]
Inhliziyo yakhe igxilile, uthembela kuJehova. +
ס [Samekh]
8 Inhliziyo yakhe ayinakunyakaziswa;* akesabi; +ע [Ayin]Ekugcineni uyobona lapho izitha zakhe zinqotshwa. +
פ [Pe]
9 Uyaphana;* ubanikile abampofu. +
צ [Tsade]
Ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade. +
ק [Qoph]
Amandla akhe* ayophakanyiswa ngenkazimulo.
ר [Resh]
10 Omubi uyokubona lokhu acasuke.
ש [Shin]
Uyogedla amazinyo akhe, ashabalale.
ת [Taw]
Izifiso zomubi ziyoshabalala. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “Unomusa.”
^ Noma, “ayiguquki; igxilile.”
^ Noma, “Wabile kabanzi.”
^ NgesiHebheru, “Uphondo lwakhe.”