Eyesibili YeziKronike 1:1-17
1 USolomoni indodana kaDavide waqhubeka eba namandla ebukhosini bakhe, uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamenza waba mkhulu kakhulu. +
2 USolomoni wathumela ukuba kubizwe wonke u-Israyeli, izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, abahluleli nazo zonke izikhulu zawo wonke u-Israyeli, izinhloko zemindeni yoyise.
3 USolomoni nalo lonke ibandla baya endaweni ephakeme eGibheyoni, + ngoba lalilapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu weqiniso, itende uMose inceku kaJehova ayelenze ehlane.
4 Nokho, uDavide wayewulandile uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso eKiriyati-jeyarimi + wawuletha endaweni uDavide ayewulungiselele yona; wayewugxumekele itende eJerusalema. +
5 I-altare lethusi + elalenziwe uBhezaleli + indodana ka-Uri indodana kaHure lalibekwe phambi kwetabernakele likaJehova; uSolomoni nebandla babethandaza phambi kwalo.*
6 USolomoni wenza iminikelo lapho phambi kukaJehova, wanikela iminikelo eshiswayo engu-1 000 e-altare + lethusi letende lokuhlangana.
7 Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni wathi kuye: “Cela lokho ongathanda ngikuphe kona.” +
8 USolomoni waphendula uNkulunkulu wathi: “Ubonise uthando oluqotho olukhulu kubaba uDavide, + wangenza inkosi esikhundleni sakhe. +
9 Manje, Jehova Nkulunkulu, isithembiso sakho kuDavide ubaba masibe esithembekile, + ngoba wena ungenze ngaba inkosi phezu kwesizwe esinabantu abaningi njengezinhlayiya zothuli lomhlabathi. +
10 Nginike ukuhlakanipha nolwazi + ukuze ngihole lesi sizwe, ngoba ngingasahlulela kanjani lesi sizwe sakho esikhulu?” +
11 Khona-ke uNkulunkulu wathi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lesi yisifiso senhliziyo yakho futhi awucelanga umnotho, ingcebo nodumo noma ukuba kufe abakuzondayo, futhi awucelanga ukuphila isikhathi eside,* kodwa ucele ukuhlakanipha nolwazi ukuze wahlulele isizwe sami engikubeke ukuba ube inkosi phezu kwaso, +
12 uzonikwa ukuhlakanipha nolwazi; ngaphezu kwalokho ngizokunika nomnotho nengcebo nodumo okungekho makhosi ngaphambi kwakho ake aba nakho, futhi okungekho muntu ngemva kwakho oyoba nakho.” +
13 Ngakho uSolomoni wasuka endaweni ephakeme eGibheyoni, + phambi kwetende lokuhlangana, weza eJerusalema; wabusa u-Israyeli.
14 USolomoni wayelokhu eqongelela izinqola namahhashi;* wayenezinqola ezingu-1 400 namahhashi *+ angu-12 000, wakugcina kumi emadolobheni ezinqola + naseduze kwenkosi eJerusalema. +
15 Inkosi yenza isiliva negolide kwaba kuningi njengamatshe eJerusalema, + nokhuni lomsedari yalwenza lwaba luningi njengezihlahla zemisikhamori eShefela. +
16 Amahhashi kaSolomoni ayethunyelwa evela eGibhithe, + abathengisi benkosi babethola umhlambi* wamahhashi ngenani elibekiwe. +
17 Inqola ngayinye eyayithengwa eGibhithe yayibiza izinhlamvu zesiliva ezingu-600, ihhashi libiza ezingu-150; uma sebewathengile, babewadayisela wonke amakhosi amaHeti namakhosi aseSiriya.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “babebuza uNkulunkulu lapho.”
^ NgesiHebheru, “izinsuku eziningi.”
^ Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
^ Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
^ Noma kungaba, “evela eGibhithe naseKuwe; abathengisi benkosi babewathenga eKuwe,” cishe kubhekiselwa eKhilikhiya.