Eyesibili YamaKhosi 19:1-37
19 Kwathi nje lapho iNkosi uHezekiya izwa lokhu, yaklebhula izingubo zayo yembatha indwangu yesaka yangena endlini kaJehova. +
2 Ngemva kwalokho, yathuma u-Eliyakimi, owayengamele isigodlo,* uShebina unobhala namadoda amadala angabapristi, bembethe indwangu yesaka, yabathuma kumprofethi u-Isaya + indodana ka-Amozi.
3 Bathi kuye: “Yilokhu uHezekiya akushoyo, ‘Lolu suku luwusuku lokucindezeleka, lokusolwa* nolokuhlaziswa; ngoba abantwana sebekulungele ukuzalwa,* kodwa awekho amandla okubeletha. +
4 Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uzowezwa wonke amazwi kaRabishake, othunywe inkosi yase-Asiriya inkosi yakhe ukuba aklolodele uNkulunkulu ophilayo, + bese emjezisa ngenxa yala mazwi uJehova uNkulunkulu wakho awazwile. Ngakho thandazela + abantu abasasele kuleli zwe abasindile.’ ”
5 Ngakho izinceku zeNkosi uHezekiya zaya ku-Isaya, +
6 u-Isaya wathi kuzo: “Yilokhu okufanele nikusho enkosini yenu, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ungesabi + ngenxa yamazwi owezwile, amazwi izikhonzi zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo. +
7 Bheka ngifaka umcabango engqondweni yayo,* izozwa umbiko bese ibuyela ezweni layo; ngizokwenza ukuba ibulawe ngenkemba ezweni layo.” ’ ” +
8 Ngemva kokuba uRabishake ezwile ukuthi inkosi yase-Asiriya isukile eLakishi, + waphindela emuva wayithola ilwa neLibhina. +
9 Manje inkosi yase-Asiriya yathola umbiko wokuthi uThirahaka inkosi yaseTopiya wayephumile ezolwa nayo. Ngakho yaphinde yathumela izithunywa + kuHezekiya, yathi:
10 “Yilokhu okufanele nikusho kuHezekiya inkosi yakwaJuda, ‘Ungamvumeli uNkulunkulu wakho othembele kuye ukuba akukhohlise, athi: “IJerusalema ngeke linikelwe esandleni senkosi yase-Asiriya.” +
11 Wena uzwile ngalokho amakhosi ase-Asiriya akwenzile kuwo wonke amazwe ngokuwabhubhisa. + Ingabe wena wedwa uzosinda?
12 Ingabe onkulunkulu bezizwe ezaqothulwa okhokho bami bazisindisile yini? Liphi iGozani, iHarana, + iRezefi nabantu base-Edene ababeseTheli-asari?
13 Iphi inkosi yaseHamati, inkosi yase-Aripadi nenkosi yedolobha laseSefarivayimi, nenkosi yaseHena neyase-Iva?’ ” +
14 UHezekiya wathatha izincwadi ezithunyweni wazifunda. Ngemva kwalokho uHezekiya wakhuphukela endlini kaJehova wazendlala* phambi kukaJehova. +
15 UHezekiya wabe esethandaza + kuJehova wathi: “O Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi, + wena wedwa unguNkulunkulu weqiniso kuyo yonke imibuso yomhlaba. + Wenza amazulu nomhlaba.
16 O Jehova, ngicela ulalele, uzwe! + Vula amehlo akho + Jehova, ubone! Yizwa amazwi uSaneheribi awathumele ukuze aklolodele ngawo uNkulunkulu ophilayo.
17 Kuyiqiniso, Jehova, ukuthi amakhosi ase-Asiriya azibhuqile izizwe kanye namazwe azo. +
18 Aphonse onkulunkulu bazo emlilweni, ngoba bebengebona onkulunkulu + kodwa bebewumsebenzi wezandla zomuntu, + ukhuni netshe. Yingakho ababhubhisa.
19 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sicela usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena, Jehova, unguNkulunkulu wena wedwa.” +
20 U-Isaya indodana ka-Amozi wathumela lo myalezo kuHezekiya, wathi: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Ngiwuzwile umthandazo + wakho ngokuphathelene noSaneheribi inkosi yase-Asiriya. +
21 Nali izwi uJehova alikhulumile ngaye:
“Indodakazi eyintombi yaseZiyoni iyakudelela, ikuhleka usulu.
Indodakazi yaseJerusalema ikunikinela ikhanda.
22 Ngubani lo omklolodele futhi wamthuka? +
Ngubani lo omphakamisele izwi lakho +Nombuke wamqhoshela?
NgoNgcwele ka-Israyeli! +
23 Ngezithunywa zakho + uklolodele uJehova + wathi,‘Ngezinqola zami zempi eziningiNgizonyukela ezintabeni eziphakeme,Ezingxenyeni ezikude kakhulu zeLebhanoni.
Ngizogawula imisedari yalo ephakeme, imijunipha yalo yekhethelo.
Ngizongena emajukujukwini alo, ehlathini lakhona elicinene.
24 Ngizomba imithombo ngiphuze amanzi akwelinye izwe;Ngizokomisa yonke imifudlana* yaseGibhithe ngamathe ezinyawo zami.’
25 Awuzwanga yini? Kwanqunywa* kudala. +
Ngakuhlela* ezinsukwini ezidlule. +
Manje sengizokuletha. +
Wenza amadolobha anezivikelo eziqinile abe yindunduma yamanxiwa. +
26 Izakhamuzi zawo ziyoba buthaka;Ziyokwesaba zibe namahloni.
Ziyoba njengezimila zasendle nanjengotshani obuluhlaza, +Njengotshani bokufulela izindlu obuhangulwe umoya wasempumalanga.
27 Kodwa ngikwazi kahle konke okwenzayo: lapho uhlala, lapho uphuma, lapho ungena, +Nalapho ungithukuthelele, +
28 Ngoba ngikuzwile ukungithukuthelela kwakho + nokuklabalasa kwakho. +
Ngakho ngizofaka ihhuku lami ekhaleni lakho namatomu ami + emlonyeni wakho,Ngizokuphindisela emuva ngendlela oze ngayo.” +
29 “ ‘Yile ndlela ozobona* ngayo ukuthi lezi zinto zizokwenzeka: Kulo nyaka nizodla okuzimilelayo;* ngonyaka wesibili nidle ukudla okusanhlamvu okumila kulokho; + kodwa ngonyaka wesithathu nizohlwanyela imbewu nivune, nitshale namasimu amagilebhisi nidle izithelo zawo. +
30 Labo abasindile + bendlu kaJuda bayohluma njengezitshalo bathele izithelo.
31 Ngoba abasele bayophuma eJerusalema, nalabo abasindile baphume eNtabeni iZiyoni. UJehova, umholi wamabutho asezulwini, uzokwenza lokhu ngenxa yentshiseko yakhe. +
32 “ ‘Ngakho yilokhu uJehova akushoyo ngenkosi yase-Asiriya: +
“Ngeke ingene kuleli dolobha +Noma icibishele umcibisholo kuloNoma ize kulo iphethe ihawuNoma ilivimbezele. +
33 Iyophindela emuva ngendlela eze ngayo;Ngeke ingene kuleli dolobha,” kusho uJehova.
34 “Ngizolivikela leli dolobha + ngilisindise ngenxa yami +Nangenxa yenceku yami uDavide.” ’ ” +
35 Ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova yabulala amadoda angu-185 000 ekamu lama-Asiriya. + Lapho abantu bevuka ekuseni, babona izidumbu. +
36 Ngakho uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wahamba wabuyela eNineve + wayohlala khona. +
37 Kwathi esakhotheme ethempelini likaNisiroki* unkulunkulu wakhe, amadodana akhe u-Adirameleki noSharezeri ambulala ngenkemba, + ngemva kwalokho abalekela ezweni lase-Ararati. + U-Esari-hadoni + indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “indlu.”
^ Noma, “lokwedelelwa.”
^ NgesiHebheru, “sebesemlonyeni wesibeletho.”
^ NgesiHebheru, “ngifaka umoya kuyo.”
^ NgesiHebheru, “wazichaya.”
^ Noma kungaba, “phakathi.”
^ Noma, “imiselekazi yeNayile.”
^ NgesiHebheru, “Kwenziwa.”
^ Noma, “Ngakwenza.”
^ Okuwukuthi, uHezekiya.
^ Noma, “okumile ngenxa yembewu eyawela phansi.”
^ Noma, “endlini kaNisiroki.”