Eyokuqala KaSamuweli 29:1-11
-
AmaFilisti awamthembi uDavide (1-11)
29 AmaFilisti + aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki, kuyilapho ama-Israyeli emise amatende awo ngasemthonjeni oseJizreyeli. +
2 Amakhosi amaFilisti ayedlula namasosha awo angamakhulu nayizinkulungwane, uDavide namadoda ayekanye naye babelandela ngemuva no-Akhishi. +
3 Kodwa izikhulu zamaFilisti zathi: “Afunani la maHebheru lapha?” U-Akhishi waphendula izikhulu zamaFilisti wathi: “Lona nguDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli, obelokhu enami isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu. + Angitholanga phutha kuye kusukela ngosuku aqembukela ngalo kimi kuze kube namuhla.”
4 Kodwa izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela u-Akhishi, zathi kuye: “Mphindisele emuva lo muntu. + Makabuyele endaweni omabele yona. Makangayi nathi empini, ukuze angasijikeli phambili. + Ngoba iyiphi indlela engcono angazenza athandeke ngayo enkosini yakhe ukwedlula ukuyilethela amakhanda amasosha ethu?
5 Akuyena yini lo Davide ababecula ngaye ngesikhathi bedansa, bethi:
‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,UDavide yena ubulele amashumi ezinkulungwane zakhe’?” +
6 Ngakho u-Akhishi + wabiza uDavide wathi kuye: “Ngifunga uJehova, wena uqotho, futhi mina ngiyathanda ukuba uhambe uye nebutho lami empini, + ngoba angitholanga phutha kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla. + Kodwa amanye amakhosi awakwethembi. +
7 Ngakho buyela emuva ngokuthula, ungenzi lutho oluzocasula amakhosi amaFilisti.”
8 Nokho, uDavide wathi ku-Akhishi: “Kungani, ngenzeni? Phutha lini olithole encekwini yakho kusukela ngosuku engafika ngalo kuwe kuze kube namuhla? Kungani kungafanele ngihambe nawe ngiyolwa nezitha zenkosi yami?”
9 U-Akhishi wathi kuDavide: “Kimi, ubulokhu umuhle njengengelosi kaNkulunkulu. + Kodwa izikhulu zamaFilisti zithe, ‘Ungamvumeli aye nathi empini.’
10 Manje vuka kusasa ekuseni kanye nezinceku zenkosi yakho ofike nazo; nivuke ekuseni lapho nje sekukhanya nihambe.”
11 Ngakho uDavide namadoda ayekanye naye bavuka ekuseni kakhulu babuyela ezweni lamaFilisti, amaFilisti wona akhuphukela eJizreyeli. +