Eyokuqala YeziKronike 8:1-40
8 UBhenjamini + wazala uBhela + izibulo lakhe, u-Ashibheli + owesibili, u-Ahara owesithathu,
2 uNoha owesine noRafa owesihlanu.
3 Amadodana kaBhela kwakungu-Adari, uGera, + u-Abhihudi,
4 u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,
5 uGera, uShefufani noHuramu.
6 Lawa kwakungamadodana ka-Ehudi, izinhloko zemindeni yoyise yabakhe eGeba, + ayedingiselwe eManahati:
7 UNahamani, u-Ahiya noGera—okunguyena owawayisa ekudingisweni, wazala u-Uziza no-Ahihudi.
8 UShaharayimi wazala abantwana endaweni* yakwaMowabi ngemva kokuba esehambise abafazi bakhe. Abafazi bakhe kwakunguHushimi noBhahara.*
9 KuHodeshi umkakhe wazala uJobabi, uZibhiya, uMesha, uMalikamu,
10 uJewuzi, uSakhiya noMirima. Lawa kwakungamadodana akhe, izinhloko zemindeni yoyise.
11 KuHushimi wazala u-Abhithubi no-Eliphahali.
12 Amadodana ka-Eliphahali kwakungu-Ebhere, uMishamu, uShemedi (owakha i-Ono + neLodi + nezindawo ezingaphansi kwalo),*
13 uBheriya noShema. Laba babeyizinhloko zemindeni yoyise yabakhe e-Ajaloni. + Baxosha ababakhe eGati.
14 Kwakukhona no-Ahiyo, uShashaki, uJeremoti,
15 uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,
16 uMikayeli, u-Ishipha, uJoha, amadodana kaBheriya;
17 noZebadiya, uMeshulami, uHiziki, uHebhere,
18 u-Ishimerayi, u-Iziliya, uJobabi, amadodana ka-Eliphahali;
19 noJakimi, uZikiri, uZabidi,
20 u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,
21 u-Adaya, uBheraya, uShimrati, amadodana kaShimeyi;
22 noJishipani, u-Ebhere, u-Eliyeli,
23 u-Abhidoni, uZikiri, uHanani,
24 uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,
25 u-Ifideya, uPhenuweli, amadodana kaShashaki;
26 noShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,
27 uJahareshiya, u-Eliya, uZikiri, amadodana kaJerohamu.
28 Laba babeyizinhloko zemindeni yoyise ngokozalo lwabo. Lezi zinhloko zazihlala eJerusalema.
29 UJeheyeli, uyise kaGibheyoni, wayehlala eGibheyoni. + Igama lomkakhe kwakunguMahakha. +
30 Indodana yakhe eyizibulo kwakungu-Abhidoni, elandelwa uZuri, uKishi, uBhali, uNadabi,
31 uGedori, u-Ahiyo noZekeri.
32 UMikiloti wazala uShimeya. Bonke babehlala eduze kwabafowabo eJerusalema kanye nabanye abafowabo.
33 UNeri + wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; + uSawule wazala uJonathani, + uMaliki-shuwa, + u-Abhinadaba + no-Eshibhali. *+
34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribi-bhali. *+ UMeribi-bhali wazala uMika. +
35 Amadodana kaMika kwakunguPhithoni, uMeleki, uThareya no-Ahazi.
36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemeti, u-Azimaveti noZimri. UZimri wazala uMoza.
37 UMoza wazala uBhineya, uBhineya wazala uRafa, uRafa wazala u-Eleyasa, u-Eleyasa wazala u-Azeli.
38 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, amagama awo kwakungu-Azirikamu, uBhokeru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obadiya noHanani. Wonke lawa kwakungamadodana ka-Azeli.
39 Amadodana ka-Esheki umfowabo kwakungu-Ulamu izibulo lakhe, uJewushi eyesibili no-Elifeleti eyesithathu.
40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla akwazi ukusebenzisa umnsalo, futhi ayenamadodana amaningi nabazukulu abaningi, sebebonke babengu-150. Wonke lawa ayeyinzalo kaBhenjamini.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ensimini.”
^ Noma kungaba, “ngemva kokuba esexoshe abafazi bakhe uHushimi noBhahara.”
^ Noma, “ezilizungezile.”
^ Obuye abizwe ngokuthi u-Ishi-bhosheti.
^ Obuye abizwe ngokuthi uMefibhosheti.