Eyokuqala YeziKronike 6:1-81
6 Amadodana kaLevi + kwakunguGereshoni, uKohati + noMerari. +
2 Amadodana kaKohati kwakungu-Amramu, u-Izihari, + uHebroni no-Uziyeli. +
3 Abantwana* baka-Amramu + kwakungu-Aroni, + uMose + noMiriyamu. + Amadodana ka-Aroni kwakunguNadabi, u-Abhihu, + u-Eleyazare + no-Itamari. +
4 U-Eleyazare wazala uFinehasi; + uFinehasi wazala u-Abhishuwa.
5 U-Abhishuwa wazala uBhuki; uBhuki wazala u-Uzi.
6 U-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti.
7 UMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi. +
8 U-Ahithubi wazala uZadoki; + uZadoki wazala u-Ahimahazi. +
9 U-Ahimahazi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani.
10 UJohanani wazala u-Azariya. Waba umpristi endlini eyakhiwa uSolomoni eJerusalema.
11 U-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi.
12 U-Ahithubi wazala uZadoki; + uZadoki wazala uShalumi.
13 UShalumi wazala uHilikiya; + uHilikiya wazala u-Azariya.
14 U-Azariya wazala uSeraya; + uSeraya wazala uJehozadaki. +
15 UJehozadaki wadingiswa ngesikhathi uJehova eyisa uJuda neJerusalema ekudingisweni ngesandla sikaNebukhadinezari.
16 Amadodana kaLevi kwakunguGereshomu,* uKohati noMerari.
17 Yilawa amagama amadodana kaGereshomu: ULibhini noShimeyi. +
18 Amadodana kaKohati kwakungu-Amramu, u-Izihari, uHebroni no-Uziyeli. +
19 Amadodana kaMerari kwakunguMaheli noMushi.
Nansi imindeni yamaLevi ngokokhokho bawo: +
20 KuGereshomu, + uLibhini indodana yakhe, uJahati oyindodana yakhe, uZima oyindodana yakhe,
21 uJowa oyindodana yakhe, u-Ido oyindodana yakhe, uZera oyindodana yakhe, uJewatherayi oyindodana yakhe.
22 UKohati wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uKhora, + uKhora wazala u-Asiri,
23 u-Asiri wazala u-Elkana, u-Elkana wazala u-Ebhiyasafa, + u-Ebhiyasafa wazala u-Asiri,
24 u-Asiri wazala uThahati, uThahati wazala u-Uriyeli, u-Uriyeli wazala u-Uziya, u-Uziya wazala uShawule.
25 Amadodana ka-Elkana kwakungu-Amasayi no-Ahimoti.
26 Ngokuqondene no-Elkana, indodana* yakhe kwakunguZofayi, uZofayi wazala uNahati,
27 uNahati wazala u-Eliyabe, u-Eliyabe wazala uJerohamu, uJerohamu wazala u-Elkana. +
28 Amadodana kaSamuweli + kwakuyizibulo uJoweli, eyesibili kungu-Abhiya. +
29 Indodana* kaMerari kwakunguMaheli, + uMaheli wazala uLibhini, uLibhini wazala uShimeyi, uShimeyi wazala u-Uza,
30 u-Uza wazala uShimeya, uShimeya wazala uHagiya, uHagiya wazala u-Asaya.
31 Laba yibo uDavide abamisa ukuba baqondise umculo endlini kaJehova ngemva kokuba uMphongolo usubekwe khona. +
32 Yibona ababecula etabernakele letende lokuhlangana kwaze kwaba yilapho uSolomoni akha indlu kaJehova eJerusalema, + futhi benza umsebenzi wabo njengoba babeyaliwe. +
33 Yilawa amadoda ayekhonza namadodana awo: KumaKohati, uHemani + umhlabeleli, oyindodana kaJoweli, + oyindodana kaSamuweli,
34 oyindodana ka-Elkana, + oyindodana kaJerohamu, oyindodana ka-Eliyeli, oyindodana kaThowa,
35 oyindodana kaZufi, oyindodana ka-Elkana, oyindodana kaMahati, oyindodana ka-Amasayi,
36 oyindodana ka-Elkana, oyindodana kaJoweli, oyindodana ka-Azariya, oyindodana kaZefaniya,
37 oyindodana kaThahati, oyindodana ka-Asiri, oyindodana ka-Ebhiyasafa, oyindodana kaKhora,
38 oyindodana ka-Izihari, oyindodana kaKohati, oyindodana kaLevi, oyindodana ka-Israyeli.
39 Umfowabo* u-Asafa + wama ngakwesokudla sikaHemani; u-Asafa wayeyindodana kaBherekiya, oyindodana kaShimeya,
40 oyindodana kaMikayeli, oyindodana kaBhahaseya, oyindodana kaMalikhiya,
41 oyindodana ka-Ethini, oyindodana kaZera, oyindodana ka-Adaya,
42 oyindodana ka-Ethani, oyindodana kaZima, oyindodana kaShimeyi,
43 oyindodana kaJahati, oyindodana kaGereshomu, oyindodana kaLevi.
44 Ozalweni lukaMerari, + abafowabo babemi ngakwesobunxele; kwakukhona u-Ethani + indodana kaKishayi, oyindodana ka-Abhidi, oyindodana kaMaluki,
45 oyindodana kaHashabiya, oyindodana ka-Amaziya, oyindodana kaHilikiya,
46 oyindodana ka-Amizi, oyindodana kaBhani, oyindodana kaShemeri,
47 oyindodana kaMaheli, oyindodana kaMushi, oyindodana kaMerari, oyindodana kaLevi.
48 Abafowabo, amaLevi, babemiselwe ukwenza yonke inkonzo yasetabernakele, indlu kaNkulunkulu weqiniso. +
49 U-Aroni namadodana akhe + bashunqisa imihlatshelo e-altare lomnikelo oshiswayo + nase-altare lempepho, + benza nemisebenzi ehlobene nezinto ezingcwelengcwele ukuze benzele u-Israyeli isihlawulelo, + ngokuvumelana nakho konke uMose inceku kaNkulunkulu weqiniso ayekuyalile.
50 Lena kwakuyinzalo ka-Aroni: + U-Eleyazare + indodana yakhe, u-Eleyazare wazala uFinehasi, uFinehasi wazala u-Abhishuwa,
51 u-Abhishuwa wazala uBhuki, uBhuki wazala u-Uzi, u-Uzi wazala uZeraya,
52 uZeraya wazala uMerayoti, uMerayoti wazala u-Amariya, u-Amariya wazala u-Ahithubi, +
53 u-Ahithubi wazala uZadoki, + uZadoki wazala u-Ahimahazi.
54 Kwakuyilezi izindawo zawo zokuhlala ngokwamatende* awo endaweni yawo: inzalo ka-Aroni yomndeni wamaKohati, ngoba inkatho yokuqala yadla yona,
55 yanikwa iHebroni + ezweni lakwaJuda kanye namadlelo alo alizungezile.
56 Kodwa uKalebi + indodana kaJefune wanikwa insimu yedolobha nemizi engaphansi kwalo.
57 Inzalo ka-Aroni yanikwa amadolobha* esiphephelo, + iHebroni, + kanye neLibhina + namadlelo alo, iJatiri, + i-Eshitemowa namadlelo alo, +
58 iHileni namadlelo alo, iDebhiri + namadlelo alo,
59 i-Ashani + namadlelo alo neBheti-shemeshi + namadlelo alo;
60 esizweni sakwaBhenjamini, iGeba + namadlelo alo, i-Alemeti namadlelo alo ne-Anathoti + namadlelo alo. Esewonke amadolobha emindeni yabo ayengu-13. +
61 Wonke amanye amaKohati abelwa* amadolobha ayishumi, emndenini wesizwe, kuhhafu wesizwe, uhhafu kaManase. +
62 AmaGereshomu ngokwemindeni yawo anikwa amadolobha angu-13 esizweni sakwa-Isakare, esizweni sakwa-Asheri, esizweni sakwaNafetali nasesizweni sakwaManase eBhashani. +
63 AmaMerari ngokwemindeni yawo abelwa amadolobha angu-12 ngenkatho esizweni sakwaRubeni, esizweni sakwaGadi nasesizweni sakwaZebhuloni. +
64 Ngakho ama-Israyeli anika amaLevi la madolobha kanye namadlelo awo. +
65 Ngaphezu kwalokho, awaba ngenkatho la madolobha abizwa ngamagama, esizweni sakwaJuda, esizweni sakwaSimeyoni nasesizweni sakwaBhenjamini.
66 Eminye yemindeni yamaKohati yayinamadolobha esizweni sakwa-Efrayimi. +
67 Anikwa amadolobha* esiphephelo, iShekemi + namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, iGezeri + namadlelo alo,
68 iJokimeyamu namadlelo alo, iBheti-horoni + namadlelo alo,
69 i-Ajaloni + namadlelo alo neGati-rimoni + namadlelo alo;
70 nakuhhafu wesizwe sakwaManase, i-Aneri namadlelo alo neBhileyamu namadlelo alo, kwanikwa yonke eminye imindeni yamaKohati.
71 AmaGereshomu abelwa emndenini wohhafu wesizwe sakwaManase, iGolani + eBhashani namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo; +
72 esizweni sakwa-Isakare, iKedeshi namadlelo alo, iDaberati + namadlelo alo, +
73 iRamoti namadlelo alo ne-Anemi namadlelo alo;
74 esizweni sakwa-Asheri, iMashali namadlelo alo, i-Abhidoni namadlelo alo, +
75 iHukoki namadlelo alo neRehobe + namadlelo alo;
76 esizweni sakwaNafetali, iKedeshi + eGalile + namadlelo alo, iHamoni namadlelo alo neKiriyatayimi namadlelo alo.
77 AmaMerari ayesele abelwa esizweni sakwaZebhuloni, + iRimono namadlelo alo, iThabori namadlelo alo;
78 esifundeni saseJordani eJeriko, kuya empumalanga yeJordani, esizweni sakwaRubeni, anikwa iBhezeri ehlane namadlelo alo, iJahazi + namadlelo alo,
79 iKedemoti + namadlelo alo neMefahati namadlelo alo;
80 esizweni sakwaGadi, iRamoti eGileyadi namadlelo alo, iMahanayimi + namadlelo alo,
81 iHeshibhoni + namadlelo alo neJazeri + namadlelo alo.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ Obuye abizwe ngokuthi uGereshoni evesini 1.
^ NgesiHebheru, “amadodana.”
^ NgesiHebheru, “Amadodana.”
^ Okuwukuthi, umLevi wakubo.
^ Noma, “ngokwamakamu abiyelwe.”
^ Noma kungaba, “idolobha,” ngokuvumelana noJos 21:13.
^ Noma, “anikwa ngenkatho.”
^ Noma kungaba, “idolobha,” ngokuvumelana noJos 21:21.