Eyokuqala YeziKronike 15:1-29
15 Waqhubeka ezakhela izindlu eDolobheni LikaDavide, walungisa nendawo yoMphongolo kaNkulunkulu weqiniso futhi wagxumeka itende lawo. +
2 Kungaleso sikhathi lapho uDavide athi khona: “Akekho okumelwe athwale uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso ngaphandle kwamaLevi, ngoba yiwo uJehova awakhethele ukuthwala uMphongolo kaJehova nokuba amkhonze njalo.” +
3 UDavide wabe eseqoqela wonke u-Israyeli eJerusalema ukuze alethe uMphongolo kaJehova endaweni ayewulungiselele yona. +
4 UDavide waqoqa inzalo ka-Aroni + namaLevi: +
5 kumaKohati, u-Uriyeli induna nabafowabo abangu-120;
6 kumaMerari, u-Asaya + induna nabafowabo abangu-220;
7 kumaGereshomu, uJoweli + induna nabafowabo abangu-130;
8 enzalweni ka-Elizafani, + uShemaya induna nabafowabo abangu-200;
9 enzalweni kaHebroni, u-Eliyeli induna nabafowabo abangu-80;
10 enzalweni ka-Uziyeli, + u-Aminadaba induna nabafowabo abangu-112.
11 Ngaphezu kwalokho, uDavide wabiza abapristi uZadoki + no-Abhiyathara, + namaLevi u-Uriyeli, u-Asaya, uJoweli, uShemaya, u-Eliyeli no-Aminadaba,
12 wathi kubo: “Niyizinhloko zemindeni yoyihlo bamaLevi. Zingcweliseni, nina nabafowenu, nikhuphule uMphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli niwulethe endaweni engiwulungisele yona.
13 Ngenxa yokuthi aniwuthwalanga ekuqaleni, + uJehova uNkulunkulu wethu wasithukuthelela + ngoba asizange sisilandele isiqondiso sakhe.” +
14 Ngakho abapristi namaLevi bazingcwelisa ukuze bakhuphule uMphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
15 Ngakho amaLevi awuthwala ngezinduku zawo emahlombe uMphongolo + kaNkulunkulu weqiniso, njengoba nje uMose ayeyalile ngezwi likaJehova.
16 UDavide wabe esetshela izinduna zamaLevi ukuba zimise abafowabo abangabahlabeleli abazocula ngenjabulo bephelezelwa izinsimbi zomculo: izinsimbi zomculo ezinezintambo, amahabhu + namasimbali. +
17 Ngakho amaLevi amisa uHemani + indodana kaJoweli, no-Asafa + indodana kaBherekiya kubafowabo, u-Ethani + indodana kaKhushaya, wamaMerari abafowabo.
18 Kanye nabo kwakunabafowabo besigaba sesibili, + uZakariya, uBheni, uJaziyeli, uShemiramoti, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uBhenaya, uMahaseya, uMatithiya, u-Elifelehu noMikineya, kanye no-Obede-edomi noJeheyeli abalindisango.
19 Abahlabeleli uHemani, + u-Asafa + no-Ethani babezodlala amasimbali ethusi; +
20 uZakariya, u-Aziyeli, uShemiramoti, uJehiyeli, u-Uni, u-Eliyabe, uMahaseya noBhenaya babedlala izinsimbi zomculo ezinezintambo ezifakwe enothini le-Alamoti; *+
21 uMatithiya, + u-Elifelehu, uMikineya, u-Obede-edomi, uJeheyeli no-Azaziya babedlala amahabhu adlala ngenothi leSheminiti *+ ukuze babe abaqondisi.
22 UKhenaniya + induna yamaLevi wayeqondisa ukuthwalwa koMphongolo ngoba wayenguchwepheshe,
23 uBherekiya no-Elkana babengabaqaphi* boMphongolo.
24 Abapristi uShebaniya, uJoshafati, uNethaneli, u-Amasayi, uZakariya, uBhenaya no-Eliyezeri babeshaya amacilongo kakhulu phambi koMphongolo kaNkulunkulu weqiniso, + u-Obede-edomi noJehiya babengabaqaphi boMphongolo.
25 UDavide namadoda amadala akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane babehamba ngenjabulo + beyolanda umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede-edomi. +
26 Lapho uNkulunkulu weqiniso esiza amaLevi ayethwele umphongolo wesivumelwano sikaJehova, enza umhlatshelo ngamathole amaduna ayisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. +
27 UDavide wayegqoke ijazi elingenamikhono lendwangu esezingeni eliphezulu, njengoba kwakunjalo nangawo wonke amaLevi ayethwele uMphongolo, abahlabeleli, noKhenaniya induna eyengamele ukuthwalwa koMphongolo nabahlabeleli; uDavide wayegqoke ne-efodi lelineni. +
28 Wonke ama-Israyeli ayekhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova ememeza ngenjabulo, + eshaya uphondo, amacilongo, + amasimbali, ekhalisa kakhulu izinsimbi zomculo ezinezintambo namahabhu. +
29 Kodwa kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika eDolobheni LikaDavide, + uMikhali, indodakazi kaSawule, + walunguza ngefasitela wabheka phansi wabona iNkosi uDavide itshakadula igiya; wayeseyidelela enhliziyweni yakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “babengabalindisango.”