Eyokuqala YaMakhosi 9:1-28
9 Kwathi nje lapho uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, indlu* yenkosi + nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha, +
2 uJehova wabonakala kuSolomoni okwesibili, njengoba ayebonakale kuye eGibheyoni. +
3 UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umthandazo wakho nesicelo sakho sokuboniswa umusa osenze phambi kwami. Ngiyingcwelisile le ndlu oyakhile ngokubeka igama lami kuyo kuze kube phakade, + amehlo ami nenhliziyo yami kuyoba kuyo ngaso sonke isikhathi. +
4 Uma wena uhamba phambi kwami ngendlela uDavide uyihlo ahamba ngayo, + ngenhliziyo ephelele + nangobuqotho, + ngokwenza konke engikuyale ngakho, + nangokulalela iziqondiso nezahlulelo zami, +
5 khona-ke ngiyosimisa kuze kube phakade isihlalo sobukhosi sombuso wakho phezu kuka-Israyeli, njengoba ngathembisa uDavide uyihlo, ngathi, ‘Akusoze kwenzeka ukuba kungabi namuntu wozalo lwakho ohlezi esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’ +
6 Kodwa uma wena namadodana akho niyeka ukungilandela futhi ningayigcini imiyalo nemithetho yami engiyibeke phambi kwenu, nihambe niyokhonza abanye onkulunkulu nibakhothamele, +
7 ngiyomsusa u-Israyeli ezweni engimnike lona, + indlu engiyingcwelisele igama lami ngiyoyisusa phambi kwami, + u-Israyeli uyoba yinhlekisa* nento yokuklolodelwa phakathi kwazo zonke izizwe. +
8 Le ndlu iyoba amanxiwa. + Wonke umuntu odlula ngakuyo uyoyigqolozela emangele futhi uyoshaya ikhwela athi, ‘Kungani uJehova enze lokhu kuleli zwe nakule ndlu?’ +
9 Bayothi, ‘Kungenxa yokuthi bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owayekhiphe okhokho babo ezweni laseGibhithe, bamukela abanye onkulunkulu babakhothamela babakhonza. Yingakho uJehova aletha yonke le nhlekelele phezu kwabo.’ ” +
10 USolomoni wakha izindlu ezimbili, indlu kaJehova nendlu* yenkosi, + ngeminyaka engu-20.
11 UHiramu + inkosi yaseThire wayelethela uSolomoni izingodo zomsedari nezomjunipha negolide ayelidinga, + ngakho iNkosi uSolomoni yanika uHiramu amadolobha angu-20 ezweni laseGalile.
12 Ngakho uHiramu waphuma eThire ukuze ayobona amadolobha uSolomoni ayemuphe wona, kodwa akazange awathande.*
13 Wathi: “Hlobo luni lwamadolobha lawa ongiphe wona, mfowethu?” Ngakho abizwa ngokuthi iZwe LaseKhabuli* kuze kube namuhla.
14 Phakathi naleso sikhathi uHiramu wathumelela inkosi amathalenta* egolide angu-120. +
15 Lokhu ukulandisa okuphathelene nalabo iNkosi uSolomoni eyababutha + ukuba bakhe indlu kaJehova, + indlu* yenkosi, iNdunduma, *+ udonga lwaseJerusalema, iHazori, + iMegido + neGezeri. +
16 (UFaro inkosi yaseGibhithe wayekhuphukile walithatha iGezeri walishisa ngomlilo, wabulala namaKhanani + ayehlala kulelo dolobha. Ngakho walinika indodakazi yakhe, + umkaSolomoni, njengesipho sokuyivalelisa.*)
17 USolomoni wakha kabusha* iGezeri, iBheti-horoni Elisezansi, +
18 iBhahalati + neThamari ehlane, kwa-Israyeli,
19 nawo wonke amadolobha kaSolomoni okugcina izinto, amadolobha ezinqola, + amadolobha abagibeli bamahhashi nanoma yini uSolomoni ayefisa ukuyakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.
20 Bonke abantu ababesele kuma-Amori, kumaHeti, kumaPherizi, kumaHivi nakumaJebusi, + ababengeyona ingxenye yesizwe sakwa-Israyeli, +
21 inzalo yabo eyayisele ezweni—leyo ama-Israyeli angakwazanga ukuyibhubhisa—uSolomoni wabayala ukuba benze umsebenzi wobugqila kuze kube namuhla. +
22 Kodwa abekho kuma-Israyeli uSolomoni abenza izigqila, + ngoba babengamaqhawe akhe, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, izikhulu zakhe zempi nezinduna zabashayeli bezinqola zakhe nezabagibeli bamahhashi.
23 Kwakunezinhloko zezinduna ezingu-550 ezazengamele umsebenzi kaSolomoni, ziphethe abantu ababesebenza. +
24 Kodwa indodakazi kaFaro + yaphuma eDolobheni LikaDavide + yaya endlini yayo ayeyakhele yona; ngemva kwalokho wakha iNdunduma. *+
25 Kathathu ngonyaka + uSolomoni wayenikela imihlatshelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo e-altare ayelakhele uJehova, + wayeshunqisa nomusi womhlatshelo phezu kwe-altare elaliphambi kukaJehova, ngakho wayiqeda indlu. +
26 INkosi uSolomoni yakha uxhaxha lwemikhumbi e-Eziyoni-gebheri, + ngase-Eloti, ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. +
27 UHiramu wathumela izinceku zakhe noxhaxha lwemikhumbi, + amatilosi angomakadebona, ukuze zisebenze nezinceku zikaSolomoni.
28 Zaya e-Ofiri + zafike zathatha igolide elingamathalenta angu-420 zaliletha eNkosini uSolomoni.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isigodlo.”
^ NgesiHebheru, “yisaga.”
^ Noma, “nesigodlo.”
^ NgesiHebheru, “ayengemahle emehlweni akhe.”
^ Noma kungaba, “iZwe Elingelusizo Lwalutho.”
^ Ithalenta lalilingana no-34,2 kg. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “isigodlo.”
^ Noma, “iMilo.” Okuyigama lesiHebheru elisho “ukugcwalisa.”
^ Noma, “njengesipho somshado; njengesipho esiya kumkhwenyana.”
^ Noma, “waqinisa.”
^ Noma, “iMilo.” Okuyigama lesiHebheru elisho “ukugcwalisa.”