Zefaniya 1:1-18
1 Leli yizwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi indodana kaGedaliya indodana ka-Amariya indodana kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya+ indodana ka-Amoni+ inkosi yakwaJuda:
2 “Nakanjani ngizokuqeda konke okusebusweni bomhlaba,” kusho uJehova.+
3 “Ngizomqeda nyá umuntu wasemhlabeni kanye nesilwane.+ Ngizosiqeda nyá isidalwa esindizayo samazulu nezinhlanzi zolwandle,+ nezikhubekiso kanye nababi;+ ngizosinquma isintu ebusweni bomhlaba,”+ kusho uJehova.
4 “Ngizokwelula isandla sami ngimelane noJuda futhi ngimelane nabo bonke abakhileyo eJerusalema,+ futhi ngizonquma kule ndawo abaseleyo bakaBhali,+ igama labapristi bonkulunkulu bezinye izizwe kanye nabapristi,+
5 nalabo abakhothamela ibutho lasemazulwini bephezu kophahla lwezindlu,+ nalabo abakhothamayo,+ abafunga kuJehova+ nabafunga uMalkamu;+
6 nalabo abahlehla nyovane ekulandeleni uJehova,+ abangamfunanga uJehova futhi abangabuzanga kuye.”+
7 Thula phambi kweNkosi EnguMbusi uJehova;+ ngoba usuku lukaJehova luseduze,+ ngoba uJehova ulungiselele umhlatshelo;+ ubangcwelisile+ abamenyiweyo bakhe.
8 “Kuyothi ngosuku lomhlatshelo kaJehova nginake izikhulu, namadodana enkosi,+ nabo bonke abagqoka izembatho zezinye izizwe.+
9 Ngizonaka wonke umuntu okhwela esiteji ngalolo suku, labo abagcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.+
10 Kuyoba khona ngalolo suku,” kusho uJehova, “umsindo wokukhala eSangweni Lezinhlanzi,+ nokuhewula engxenyeni yesibili yomuzi,+ nokuphahlazeka okukhulu emagqumeni.+
11 Hewulani,+ nina bakhileyo baseMakiteshi, ngoba bonke abantu abangabahwebi bathulisiwe;+ bonke labo abakala isiliva banqunyiwe.
12 “Kuyothi ngaleso sikhathi ngilihlole ngokucophelela iJerusalema ngezibani+ futhi ngiyowanaka amadoda ajiya enhleseni yawo+ futhi athi enhliziyweni yawo, ‘UJehova ngeke akwenze okuhle, futhi ngeke akwenze okubi.’+
13 Umcebo wabo uyoba yimpango nezindlu zabo zibe yihlane eliyincithakalo.+ Bayokwakha izindlu, kodwa ngeke bahlale kuzo;+ bayotshala izivini, kodwa ngeke baliphuze iwayini lazo.+
14 “Usuku olukhulu+ lukaJehova luseduze.+ Luseduze, lushesha kakhulu.+ Umsindo wosuku lukaJehova uyababa.+ Khona indoda enamandla iyakhamuluka.+
15 Lolo suku luwusuku lokufutheka, usuku lokucindezeleka nobuhlungu,+ usuku lwesivunguvungu nokuchitha, usuku lobumnyama nesigayegaye,+ usuku lwamafu nobumnyama obukhulu,
16 usuku lophondo nolwenhlabamkhosi,+ lumelene nemizi enezivikelo eziqinile nemibhoshongo ephakeme esemagumbini.+
17 Ngiyobangela ukucindezeleka esintwini, ngokuqinisekile siyohamba njengezimpumputhe;+ ngoba sonile kuJehova.+ Igazi laso empeleni liyothululwa njengothuli,+ nezibilini zaso njengendle.+
18 Isiliva laso negolide laso ngeke likwazi ukusikhulula ngosuku lokufutheka kukaJehova;+ wonke umhlaba uyoshwabadelwa umlilo wentshiseko yakhe,+ ngoba uyoqothula ngendlela eyesabeka kakhulu impela, bonke abakhileyo emhlabeni.”+