Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Zakariya 5:1-11

5  Khona-ke ngaphinda ngaphakamisa amehlo ami ngabona; bheka! umqulu ondizayo.+  Ngakho yathi kimi: “Ubonani?”+ Mina ngathi: “Ngibona umqulu ondizayo, obude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.”  Khona-ke yathi kimi: “Lesi yisiqalekiso esiya kuwo wonke umhlaba,+ ngoba wonke umuntu owebayo,+ ngokusho kwaso ngakulolu hlangothi, akazange ajeziswe; futhi wonke umuntu owenza isifungo,+ ngokusho kwaso ngakuloluya hlangothi,+ akazange ajeziswe.  ‘Ngisikhiphile,’ kusho uJehova wamabutho, ‘kumelwe singene endlini yesela nasendlini yowenza isifungo samanga egameni lami;+ kumelwe sihlale phakathi endlini yakhe siyiqothule kanye nezingodo zayo namatshe ayo.’”+  Khona-ke ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma yathi kimi: “Ngicela uphakamise amehlo akho ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.”  Ngathi: “Kuyini?” Yona yathi: “Yi-efa leli eliphumayo.” Yaqhubeka yathi: “Lesi yisici sabo emhlabeni wonke.”  Futhi bheka! kwaphakanyiswa isisibekelo somthofu esiyisiyingi; lona ngowesifazane othile ohlezi phakathi kwe-efa.  Ngakho yathi: “Lona ukuKhohlakala.” Yamphonsa yambuyisela phakathi kwe-efa,+ okwathi ngemva kwalokho yaphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.  Khona-ke ngaphakamisa amehlo ami ngabona, bheka kwakukhona abesifazane ababili bephuma, kukhona umoya emaphikweni abo. Babenamaphiko anjengamaphiko kanogolantethe. Kancane kancane baliphakamisela phakathi komhlaba namazulu i-efa. 10  Ngakho ngathi engelosini eyayikhuluma nami: “Baliyisaphi i-efa?” 11  Yona yathi kimi: “Bayomakhela+ indlu ezweni laseShinari;+ kumelwe ime iqine, futhi kumelwe abekwe lapho endaweni yakhe efanele.”

Imibhalo yaphansi