Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Zakariya 13:1-9

13  “Ngalolo suku+ kuyoba khona umthombo+ ovulekele indlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema ngenxa yesono+ nangenxa yento enyanyekayo.+  “Kuyothi ngalolo suku,” kusho uJehova wamabutho, “ngiqede amagama ezithombe ezweni,+ ngeke esakhunjulwa; ngenze futhi ukuba kuphele ezweni abaprofethi+ nomoya wokungahlanzeki.+  Kuyothi uma umuntu ephinda eprofetha, uyise nonina, abamzala, bathi futhi kuye, ‘Ngeke uphile, ngoba ukhulumé amanga egameni likaJehova.’ Uyise nonina, abamzala bayombhokoda ngenxa yokuprofetha kwakhe.+  “Ngalolo suku abaprofethi bayoba namahloni,+ yilowo nalowo ngombono wakhe lapho eprofetha; futhi ngeke basigqoke isembatho soboya+ sabaprofethi ngenjongo yokukhohlisa.  Ngokuqinisekile uyothi, ‘Angiyena umprofethi. Ngingumuntu olima inhlabathi, ngoba umuntu wasemhlabeni wangithola kusukela ebusheni bami.’  Umuntu uyothi kuye, ‘Ayini la manxeba akuwe ezandleni zakho?’ Kuyomelwe athi, ‘Yilawo engiwathole endlini yabangithanda kakhulu.’”  “O nkemba, vuka umelane nomalusi wami,+ yebo indoda enamandla engumhlobo wami,”+ kusho uJehova wamabutho. “Shaya umalusi,+ ezomhlambi zihlakazeke;+ ngokuqinisekile ngizobuyisela isandla sami kulabo abangelutho.”+  “Kuyothi ezweni lonke,” kusho uJehova, “izingxenye ezimbili kulo zinqunywe futhi ziphangalale;+ kepha ingxenye yesithathu, isale kulo.+  Ngokuqinisekile le ngxenye yesithathu ngiyoyidlulisa emlilweni;+ ngiyicwenge impela njengasekucwengweni kwesiliva,+ ngiyihlole njengasekuhlolweni kwegolide.+ Yona iyobiza igama lami, mina ngiyiphendule.+ Ngiyothi, ‘Ingabantu bami,’+ yona ithi, ‘UJehova unguNkulunkulu wethu.’”+

Imibhalo yaphansi