Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

UmShumayeli 1:1-18

1  Amazwi omhlanganisi,+ indodana kaDavide inkosi eJerusalema.+  “Yize leze!”+ kusho umhlanganisi, “yize leze! Yonke into iyize!”+  Unambuyiseloni umuntu kuwo wonke umsebenzi wakhe onzima awusebenza+ kanzima ngaphansi kwelanga?+  Isizukulwane siyamuka,+ isizukulwane siyeza;+ kodwa umhlaba umi kuze kube nini nanini.+  Ilanga nalo liphumile, futhi ilanga lishonile,+ futhi liza liphuthuma endaweni yalo lapho liyophuma khona.+  Umoya uya eningizimu, futhi ujikeleza uzungeze uye enyakatho.+ Ujikeleza njalo uzungeza+ ngokuqhubekayo, futhi umoya ubuyela khona kanye emijikelezweni yawo.+  Zonke izifufula zasebusika+ ziphuma ziye olwandle,+ kodwa nokho ulwandle alugcwele.+ Endaweni lapho izifufula zasebusika ziya khona, zibuyela khona futhi ukuze ziphinde ziphume khona.+  Zonke izinto ziyakhathaza;+ akekho okwaziyo ukukhuluma ngakho. Iso alaneliswa ukubona,+ nendlebe ayigcwali ngokuzwa.+  Lokho okuye kwaba khona, yilokho okuyoba khona;+ lokho osekwenziwe, yilokho okuyokwenziwa; ngakho ayikho into entsha ngaphansi kwelanga.+ 10  Ikhona yini into umuntu angase athi ngayo: “Uyakubona lokhu; kusha”? Bekulokhu kukhona kusukela nini nanini;+ lokho okuye kwaba khona kusukela esikhathini sangaphambi kwethu.+ 11  Akukho ukukhunjulwa kwabantu bezikhathi zangaphambili, futhi ngeke kube khona nokwalabo abayoba khona kamuva.+ Ngeke kube khona ngisho nokukhunjulwa kwabo phakathi kwalabo abasazoba khona kamuva.+ 12  Mina, mhlanganisi, ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.+ 13  Futhi ngabeka inhliziyo yami ukuba ifune futhi ihlole ukuhlakanipha+ maqondana nakho konke okuye kwenziwa phansi kwamazulu—umsebenzi obangela inhlekelele uNkulunkulu awunike amadodana abantu ukuba abe matasa kuwo.+ 14  Ngabona yonke imisebenzi eyayenziwa phansi kwelanga,+ futhi, bheka! konke kwakuyize nokulwela ukufica umoya.+ 15  Lokho okwenziwé kwagwegwa akunakuqondiswa,+ nalokho okuntulekayo akunakwenzeka kubalwe. 16  Mina, yebo, mina, ngakhuluma nenhliziyo yami,+ ngathi: “Bheka! Mina ngiye ngakhula kakhulu ngokuhlakanipha ngaphezu kwanoma ubani oke waba ngaphambi kwami eJerusalema,+ futhi inhliziyo yami yabona ukuhlakanipha nolwazi okukhulu kakhulu.”+ 17  Nganikela inhliziyo yami ekwazini ukuhlakanipha nasekwazini ubuhlanya,+ ngiye ngazi nobuwula,+ ukuthi nalokhu kuwukulwela ukufica umoya.+ 18  Ngoba ngokuchichima kokuhlakanipha kuba khona nokukhathazeka okuchichimayo,+ kangangokuba lowo owandisa ulwazi wandisa ubuhlungu.+

Imibhalo yaphansi