Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Thithu 3:1-15

3  Qhubeka ubakhumbuza ukuba bazithobe+ futhi balalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi,+ ukuba balungele yonke imisebenzi emihle,+  bangakhulumi kabi ngamuntu, bangabi yizilwi,+ babe abalinganiselayo,+ bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.+  Ngoba ngisho nathi sake saba abangenangqondo, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezifiso nezinjabulo ezihlukahlukene, siqhubeka ebubini nasemoneni, singabenyanyekayo, sizondana.+  Nokho, lapho kubonakaliswa+ umusa+ nothando uMsindisi+ wethu, uNkulunkulu, analo ngomuntu,  kungengenxa yemisebenzi+ yokulunga esasiyenzile,+ kodwa ngokwesihe+ sakhe wasisindisa ngokugeza+ okwasiletha ekuphileni+ nangokusenza basha ngomoya ongcwele.+  Lo moya wawuthululela phezu kwethu ngokucebile ngoJesu Kristu uMsindisi wethu,+  ukuze kuthi, ngemva kokuba sekuthiwe silungile+ ngenxa yomusa wakhe ongafanelwe,+ sibe izindlalifa+ ngokwethemba lokuphila okuphakade.+  Lithembekile leli zwi,+ futhi ngokuphathelene nalezi zinto ngifisa ukuba nikhulume ngokuqiniseka njalo, ukuze izingqondo zalabo asebeye bakholwa kuNkulunkulu zihlale zicabanga ngokwenza imisebenzi emihle.+ Lezi zinto zinhle futhi ziyinzuzo kubantu.  Kodwa xwaya imibuzo yobuwula+ nezinhlu zozalo+ nokuxabana+ nokulwisana ngoMthetho,+ ngoba akuzuzisi futhi kuyize. 10  Umuntu okhuthaza ihlelo,+ male+ ngemva kokumeluleka okokuqala nokwesibili;+ 11  wazi ukuthi umuntu onjalo uphambukisiwe endleleni futhi uyona, ezilahla yena.+ 12  Lapho ngithumela u-Arethema noma uThikhiku+ kuwe, yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi eNikopholi, ngoba kulapho lapho nginqume ukuchitha khona ubusika.+ 13  Qikelela ukuthi unikeza uZena, onolwazi ngoMthetho, no-Apholo okohambo lwabo, ukuze bangasweli lutho.+ 14  Kodwa abantu bakithi mabafunde ukulondoloza imisebenzi emihle ukuze bahlangabezane nezidingo+ zabo ezicindezelayo, ukuze bangabi abangatheli.+ 15  Bonke abanami bayakhonza kuwe.+ Ungikhonzele kulabo abasithandayo okholweni. Kwangathi umusa ongafanelwe ungaba nani nonke.+

Imibhalo yaphansi