Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Numeri 28:1-31

28  “UJehova waqhubeka wathi kuMose:  “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo, ‘Kufanele ninakekele ukuba ningilethele umnikelo wami, isinkwa sami+ seminikelo yami eyenziwa ngomlilo ibe yiphunga elizolisayo kimi,+ ngezikhathi zayo ezimisiwe.’+  “Uyothi kuwo, ‘Yilo umnikelo owenziwa ngomlilo eniyowuletha kuJehova: amawundlu amabili angamaduna aphilile anonyaka owodwa ubudala usuku ngalunye njengomnikelo wokushiswa njalo.+  Elinye iwundlu leduna uyolinikela ekuseni, elinye ulinikele phakathi kokuhlwa okubili,+  kanye nokweshumi kwe-efa+ likafulawa ocolekileyo njengomnikelo wokusanhlamvu+ oswakanyiswe ngokwesine kwehini lamafutha aphehliwe;+  umnikelo wokushiswa owenziwa njalo,+ owanikelwa eNtabeni iSinayi njengephunga elizolisayo, umnikelo oya kuJehova owenziwa ngomlilo,+  kanye nomnikelo wawo wokuphuzwayo,+ okwesine kwehini ngewundlu ngalinye leduna.+ Thululela endaweni engcwele umnikelo wokuphuzwayo wophuzo oludakayo+ oya kuJehova.  Elinye iwundlu leduna uyolinikela phakathi kokuhlwa okubili. Uyolinikela njengomnikelo owenziwa ngomlilo, wephunga elizolisayo kuJehova kanye nomnikelo wokusanhlamvu ofanayo nowasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo ofanayo.+  “‘Nokho, ngosuku lwesabatha+ kuyoba khona amawundlu amabili eduna aphilile anonyaka owodwa ubudala nezilinganiso zokweshumi ezimbili zikafulawa ocolekileyo njengomnikelo wokusanhlamvu oswakanyiswe ngamafutha, kanye nomnikelo wawo wokuphuzwayo, 10  njengomnikelo wokushiswa wangesabatha ngesabatha lawo, kanye nomnikelo wokushiswa owenziwa njalo+ nomnikelo wawo wokuphuzwayo.+ 11  “‘Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyoletha kuJehova njengomnikelo wokushiswa amathole amabili eduna nenqama eyodwa, amawundlu ayisikhombisa angamaduna aphilile ngalinye libe nonyaka owodwa ubudala,+ 12  nezilinganiso ezintathu zokweshumi zikafulawa ocolekileyo njengomnikelo wokusanhlamvu+ oswakanyiswe ngamafutha ngeduna ngalinye lenkomo nezilinganiso zokweshumi ezimbili zikafulawa ocolekileyo njengomnikelo wokusanhlamvu oswakanyiswe ngamafutha waleyo nqama eyodwa,+ 13  nesilinganiso sokweshumi sikafulawa ocolekile ngokufanayo njengomnikelo wokusanhlamvu oswakanyiswe ngamafutha ngewundlu ngalinye leduna, njengomnikelo wokushiswa, iphunga elizolisayo,+ umnikelo oya kuJehova owenziwa ngomlilo. 14  Futhi njengeminikelo yayo yokuphuzwayo kufanele kube khona ingxenye+ yehini lewayini ngenkunzi nengxenye yesithathu+ yehini ngenqama nengxenye yesine+ yehini ngewundlu leduna. Lona ngumnikelo wokushiswa wanyanga zonke ngenyanga yawo ngezinyanga zonyaka.+ 15  Futhi, kufanele kunikelwe izinyane elilodwa+ lembuzi njengomnikelo wesono oya kuJehova ngaphezu kwalo mnikelo wokushiswa owenziwa njalo kanye nomnikelo wawo wokuphuzwayo.+ 16  “‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, kuyoba yiphasika likaJehova.+ 17  Ngosuku lweshumi nanhlanu lwale nyanga kuyoba umkhosi. Izinsuku eziyisikhombisa kuyodliwa amaqebelengwane angenamvubelo.+ 18  Ngosuku lokuqala kuyoba nomhlangano ongcwele.+ Akumelwe nenze noma yiluphi uhlobo lomsebenzi okhandlayo.+ 19  Kumelwe nilethe kuJehova njengomnikelo owenziwa ngomlilo, umnikelo wokushiswa,+ amathole amabili eduna nenqama eyodwa namawundlu ayisikhombisa angamaduna ngalinye libe nonyaka owodwa ubudala.+ Kufanele kube okuphilile kini.+ 20  Futhi njengeminikelo yako yokusanhlamvu+ kafulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha niyonikela izilinganiso ezintathu zokweshumi ngenkunzi nezilinganiso ezimbili zokweshumi+ ngenqama. 21  Niyonikela ngesilinganiso sokweshumi+ ngokufanayo ngewundlu ngalinye leduna kula mawundlu angamaduna ayisikhombisa; 22  nembuzi eyodwa yomnikelo wesono ukuze inenzele isihlawulelo.+ 23  Ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni, ongumnikelo wokushiswa+ owenziwa njalo,+ nizonikela nalokhu. 24  Ngokufanayo nalokhu niyonikela nsuku zonke izinsuku eziyisikhombisa njengesinkwa,+ umnikelo owenziwa ngomlilo, wephunga elizolisayo kuJehova.+ Kufanele unikelwe kanye nomnikelo wokushiswa owenziwa njalo, kanye nomnikelo wawo wokuphuzwayo. 25  Ngosuku lwesikhombisa kufanele nibe nombuthano ongcwele.+ Akumelwe nenze noma yiluphi uhlobo lomsebenzi okhandlayo.+ 26  “‘Ngosuku lolibo oluvuthiwe,+ lapho niletha umnikelo omusha wokusanhlamvu kuJehova, edilini lenu lamasonto+ kufanele nibe nombuthano ongcwele. Akumelwe nenze noma yiluphi uhlobo lomsebenzi okhandlayo.+ 27  Kumelwe nilethe njengomnikelo wokushiswa wephunga elizolisayo kuJehova amathole amabili eduna, inqama eyodwa, amawundlu ayisikhombisa angamaduna ngalinye libe nonyaka owodwa ubudala;+ 28  futhi njengomnikelo wako wokusanhlamvu kafulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha izilinganiso ezintathu zokweshumi ngenkunzi ngayinye, izilinganiso ezimbili zokweshumi+ ngenqama eyodwa, 29  isilinganiso esisodwa sokweshumi+ ngokufanayo ngewundlu ngalinye leduna kula mawundlu ayisikhombisa angamaduna; 30  izinyane elilodwa lembuzi ukuze linenzele isihlawulelo.+ 31  Niyowunikela nalokhu ngaphandle komnikelo wokushiswa owenziwa njalo nomnikelo wawo wokusanhlamvu.+ Kufanele kube okuphilile kini,+ kanye neminikelo yako yokuphuzwayo.+

Imibhalo yaphansi