Numeri 26:1-65
26 Kwathi ngemva kwaleso sishayo+ uJehova waqhubeka wakhuluma la mazwi kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi:
2 “Balani yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili ubudala kuya phezulu, ngokwezindlu zoyise, bonke abaphuma impi kwa-Israyeli.”+
3 UMose no-Eleyazare+ umpristi bakhuluma nayo emathafeni awugwadule akwaMowabi+ ngaseJordani eJeriko,+ bathi:
4 “[Babaleni] kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengoba nje uJehova ebemyalile uMose.”+
Abantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibhithe kwakuyilaba:
5 URubeni, izibulo+ lika-Israyeli; amadodana kaRubeni: KuHanoki+ umndeni wakwaHanoki; kuPhalu+ umndeni wakwaPhalu;
6 kuHezironi+ umndeni wakwaHezironi; kuKarmi+ umndeni wakwaKarmi.
7 Lena kwakuyimindeni yabakwaRubeni, ababhalisiwe kubo baba yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.+
8 Indodana kaPhalu kwakungu-Eliyabe.
9 Amadodana ka-Eliyabe: UNemuweli noDathani no-Abhiramu. Lo Dathani+ no-Abhiramu+ babengababiziwe benhlangano, abahileleka ekulweni noMose no-Aroni enhlanganweni kaKhora,+ lapho behileleka ekulweni noJehova.
10 Khona-ke umhlaba wavula umlomo wawo wabagwinya.+ UKhora yena, wafa ngesikhathi kufa inhlangano lapho umlilo uqothula amadoda+ angamakhulu amabili namashumi amahlanu. Futhi aba yisibonakaliso.+
11 Nokho, amadodana kaKhora awazange afe.+
12 Amadodana kaSimeyoni+ ngemindeni yawo: KuNemuweli+ umndeni wakwaNemuweli; kuJamini+ umndeni wakwaJamini; kuJakini+ umndeni wakwaJakini;
13 kuZera umndeni wakwaZera; kuShawule+ umndeni wakwaShawule.
14 Lena kwakuyimindeni yabakwaSimeyoni: izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.+
15 Amadodana kaGadi+ ngemindeni yawo: KuZefoni umndeni wakwaZefoni; kuHagi umndeni wakwaHagi; kuShuni umndeni wakwaShuni;
16 ku-Ozini umndeni wakwa-Ozini; ku-Erayi umndeni wakwa-Erayi;
17 ku-Arodi umndeni wakwa-Arodi; ku-Areli+ umndeni wakwa-Areli.
18 Lena kwakuyimindeni yamadodana kaGadi, yababhalisiweyo kuwo: izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu amahlanu.+
19 Amadodana kaJuda+ kwakungo-Eri+ no-Onani.+ Nokho, u-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.+
20 Amadodana kaJuda ngemindeni yawo kwakuyilawa: KuShela+ umndeni wakwaShela; kuPherezi+ umndeni wakwaPherezi; kuZera+ umndeni wakwaZera.
21 Amadodana kaPherezi kwakuyilawa: KuHezironi+ umndeni wakwaHezironi; kuHamule+ umndeni wakwaHamule;
22 Lena kwakuyimindeni yakwaJuda,+ yababhalisiwe kuyo: izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu amahlanu.+
23 Amadodana ka-Isakare+ ngemindeni yawo kwakuyilawa: KuThola+ umndeni wakwaThola; kuPhuva umndeni wakwaPhuni;
24 kuJashubi umndeni wakwaJashubi; kuShimroni+ umndeni wakwaShimroni.
25 Lena kwakuyimindeni yakwa-Isakare, yababhalisiwe kuyo: izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.+
26 Amadodana kaZebhuloni+ ngemindeni yawo kwakuyilawa: kuSeredi umndeni wakwaSeredi; ku-Eloni umndeni wakwa-Eloni; kuJahaliyeli+ umndeni wakwaJahaliyeli.
27 Lena kwakuyimindeni yabakwaZebhuloni, yababhalisiwe kubo: izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu amahlanu.+
28 Amadodana kaJosefa+ ngemindeni yawo kwakungoManase no-Efrayimi.+
29 Amadodana kaManase+ kwakuyilawa: KuMakiri+ umndeni wakwaMakiri. UMakiri waba uyise kaGileyadi.+ KuGileyadi umndeni wakwaGileyadi.
30 Yilawa amadodana kaGileyadi: Ku-Iyezeri+ umndeni wakwa-Iyezeri; kuHeleki umndeni wakwaHeleki;
31 ku-Asiriyeli umndeni wakwa-Asiriyeli; kuShekemi umndeni wakwaShekemi;
32 kuShemida+ umndeni wakwaShemida; kuHeferi+ umndeni wakwaHeferi.
33 UZelofehadi indodana kaHeferi akabanga nawo amadodana, kodwa waba namadodakazi,+ futhi amagama amadodakazi kaZelofehadi kwakungoMahila noNowa, uHogila, uMilka noTiriza.+
34 Lena kwakuyimindeni yakwaManase, ababhalisiwe kuyo babeyizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.+
35 Lawa kwakungamadodana ka-Efrayimi+ ngemindeni yawo: KuShuthela+ umndeni wakwaShuthela; kuBekeri umndeni wakwaBekeri; kuThahani+ umndeni wakwaThahani.
36 Lawa kwakungamadodana kaShuthela: Ku-Eranu umndeni wakwa-Eranu.
37 Lena kwakuyimindeni yamadodana ka-Efrayimi,+ yababhalisiweyo kuyo: izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amahlanu. Lawa kwakungamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.+
38 Amadodana kaBhenjamini+ ngemindeni yawo kwakuyilawa: KuBhela+ umndeni wakwaBhela; ku-Ashibheli+ umndeni wakwa-Ashibheli; ku-Ahiramu umndeni wakwa-Ahiramu;
39 kuShefufamu umndeni wakwaShufamu; kuHufamu+ umndeni wakwaHufamu.
40 Amadodana kaBhela kwaba ngo-Arida noNahamani:+ Ku-Arida umndeni wakwa-Arida; kuNahamani umndeni wakwaNahamani.
41 Lawa kwakungamadodana kaBhenjamini+ ngemindeni yawo, ababhalisiwe kuyo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.+
42 Lawa kwakungamadodana kaDani+ ngemindeni yawo: KuShuhamu umndeni wakwaShuhamu. Lena kwakuyimindeni yakwaDani+ ngemindeni yawo.
43 Yonke imindeni yamaShuhamu, yababhalisiwe kuyo, yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.+
44 Amadodana ka-Asheri+ ngemindeni yawo kwakuyilawa: Ku-Imna+ umndeni wakwa-Imna; ku-Ishivi+ umndeni wakwa-Ishivi; kuBheriya umndeni wakwaBheriya;
45 emadodaneni kaBheriya: KuHebhere umndeni wakwaHebhere; kuMalikhiyeli+ umndeni wakwaMalikhiyeli.
46 Igama lendodakazi ka-Asheri kwakunguSera.+
47 Lena kwakuyimindeni yamadodana ka-Asheri,+ yababhalisiwe kuyo: izinkulungwane ezingamashumi amahlanu nantathu namakhulu amane.+
48 Amadodana kaNafetali+ ngemindeni yawo kwakuyilawa: KuJahaziyeli+ umndeni wakwaJahaziyeli; kuGuni+ umndeni wakwaGuni;
49 kuJezeri+ umndeni wakwaJezeri; kuShilemi+ umndeni wakwaShilemi.
50 Lena kwakuyimindeni kaNafetali+ ngemindeni yawo, ababhalisiwe kuyo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.+
51 Laba kwakungababhalisiwe kubantwana bakwa-Israyeli: izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.+
52 Ngemva kwalokho uJehova wakhuluma noMose, wathi:
53 “Yilaba izwe okufanele lihlukaniselwe bona ukuze libe yifa ngokwesibalo sala magama.+
54 Kufanele wandise ifa lomuntu kuye ngobukhulu besibalo, futhi unciphise ifa lomuntu kuye ngobumbalwa.+ Ifa lalowo nalowo kufanele linikezwe ngokulingana nababhalisiwe bakhe.
55 Izwe kufanele lihlukaniswe ngenkatho+ kuphela. Kufanele bathole ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.
56 Ifa lomuntu kufanele lihlukaniswe phakathi kwabaningi nabambalwa ngokunquma kwenkatho.”
57 Manje yilaba ababebhalisiwe kumaLevi+ ngemindeni yawo: KuGereshoni+ umndeni wakwaGereshoni; kuKohati+ umndeni wakwaKohati; kuMerari+ umndeni wakwaMerari.
58 Yilena imindeni yamaLevi: umndeni wakwaLibini,+ umndeni wakwaHebroni,+ umndeni wakwaMaheli,+ umndeni wakwaMushi,+ umndeni wakwaKhora.+
UKohati+ wazala u-Amramu.+
59 Igama lomka-Amramu kwakunguJokebedi,+ indodakazi kaLevi, umkakhe ayizalela uLevi eGibhithe. Ngokuhamba kwesikhathi wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.+
60 Khona-ke u-Aroni wazalelwa uNadabi no-Abhihu,+ u-Eleyazare no-Itamari.+
61 Kodwa oNadabi no-Abhihu bafa ngenxa yokuletha umlilo ongekho emthethweni phambi kukaJehova.+
62 Ababhalisiwe kubo baba izinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga ubudala kuya phezulu.+ Ngoba ababhaliswanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,+ ngoba alikho ifa okwakufanele banikezwe lona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.+
63 Yilaba ababhaliswa nguMose no-Eleyazare umpristi lapho bebhalisa abantwana bakwa-Israyeli emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko.+
64 Kodwa phakathi kwalaba akubanga namuntu owayekhona kulabo ababhaliswa uMose no-Aroni umpristi lapho bebhalisa abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.+
65 Ngoba uJehova wayethé ngabo: “Nakanjani bayofela ehlane.”+ Ngakho kwakungasalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.+