Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Mika 5:1-15

5  “O ndodakazi yokuhlaselwa, ngalesi sikhathi uyazisika;+ yena usivimbezele.+ Bayoshaya umahluleli ka-Israyeli ngenduku esihlathini.+  “Nawe, Bhetlehema-Efratha,+ wena omncane kakhulu ukuba ube phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda,+ kuwe+ ngiyophunyelwa ozoba umbusi kwa-Israyeli,+ osiqalo sakhe sisukela ezikhathini zakuqala, ezinsukwini zesikhathi esingaziwa.+  “Ngakho uyobanikela+ kuze kube yisikhathi lapho obelethayo ebeletha.+ Bonke abanye abafowabo bayobuyela emadodaneni akwa-Israyeli.  “Uyokuma eluse ngama-ndla kaJehova,+ ngokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe.+ Futhi ngokuqinisekile bayoqhubeka behleli,+ ngoba manje uzoba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.+  Futhi lo uyoba ngukuthula.+ Kepha umAsiriya, lapho efika ezweni lakithi nalapho enyathela imibhoshongo yethu yokuhlala,+ nathi kuyomelwe sivuse abelusi abayisikhombisa bamelane naye, yebo izikhulu zesintu eziphakeme eziyisishiyagalombili.  Ziyokwelusa izwe lase-Asiriya ngenkemba,+ nezwe likaNimrode+ emasangweni alo. Nakanjani uyoletha ukukhululwa kumAsiriya,+ lapho efika ezweni lakithi nalapho enyathela endaweni yakithi.  “Abaseleyo bakaJakobe+ bayoba njengamazolo avela kuJehova+ phakathi kwezizwe eziningi, njengezihlambi ezinkulu phezu kwezimila,+ ezingathembele kumuntu futhi ezingalindele amadodana omuntu wasemhlabeni.+  Phakathi kwezizwe, phakathi kwamaqembu amaningi ezizwe, abaseleyo bakaJakobe bayoba njengengonyama phakathi kwezilwane zehlathi, njengebhongo lengonyama elinomhlwenga phakathi kwemihlambi yezimvu, lelo okuthi lapho lidlula, linyathele futhi lidwengule;+ angabi khona umkhululi.  Isandla sakho siyophakama ngaphezu kwabaphikisana nawe,+ futhi zonke izitha zakho ziyonqunywa.”+ 10  “Kuyothi ngalolo suku,” kusho uJehova, “nginqume amahhashi akho phakathi kwakho futhi ngibhubhise izinqola zakho.+ 11  Ngiyonquma imizi yezwe lakho ngidilize zonke izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile.+ 12  Ngiyoqeda ubuthakathi esandleni sakho, futhi ngeke uqhubeke unabenzi bemilingo.+ 13  Ngiyonquma imifanekiso yakho ebaziwe nezinsika zakho phakathi kwakho, futhi ngeke uphinde ukhothamele imisebenzi yezandla zakho.+ 14  Ngiyosiphula izigxobo zakho ezingcwele+ phakathi kwakho ngibhuqe imizi yakho. 15  Ngentukuthelo nangokufutheka ngiyokhipha impindiselo phezu kwezizwe ezingalalelanga.”+

Imibhalo yaphansi