Mika 2:1-13
2 “Maye kulabo abaceba okulimazayo, nakulabo abakwenza umkhuba okubi, phezu kwemibhede yabo!+ Bakwenza ngokukhanya kokusa,+ ngoba kusemandleni esandla sabo.+
2 Bafisé amasimu futhi bawaqhwaga;+ nezindlu, bazithatha; baphambé indoda enamandla nabendlu yayo,+ umuntu nefa lakhe.+
3 “Ngakho-ke yilokhu uJehova akushilo, ‘Bheka, ngisongoza inhlekelele+ ngalo mndeni+ eningeke nikwazi ukususa kuyo izintamo zenu,+ kangangokuthi ngeke nihambe ngokuzidla;+ ngoba yisikhathi senhlekelele.+
4 Ngalolo suku umuntu uyophakamisa isaga+ ngani futhi ngokuqinisekile uyolila isililo, yebo isililo.+ Umuntu kuyomelwe athi: “Siphangiwe nokuphangwa!+ Isabelo sabantu bakithi uyasiguqula.+ Yeka ukuthi usisusa kanjani kimi! Amasimu ethu uwahlukanisela ongathembekile.”
5 Ngakho ngeke ube naye ophonsa intambo, ngenkatho,+ ebandleni likaJehova.
6 Ningakhulumi mazwi.+ Bayawakhuluma amazwi. Ngeke bawakhulume amazwi ngokuphathelene nalezi zinto. Ukululazeka ngeke kusuke.+
7 “‘Kuyashiwo yini, yindlu kaJakobe,+ ukuthi: “Ingabe umoya kaJehova awanelisekile, noma ingabe yizenzo zakhe lezi?”+ Amazwi ami awenzi yini okuhle+ ngokuqondene nohamba ngokuqondileyo?+
8 “‘Izolo abantu bami bavuké njengesitha esisobala.+ Nisusa umhlobiso omuhle ngokubabazekayo ngaphambili engutsheni, kwabadlulayo behamba ngokuqiniseka, njengalabo ababuya empini.
9 Abesifazane babantu bami niyabaxosha endlini umuntu wesifazane athola kuyo injabulo enkulu. Nisusa ubukhazikhazi bami kubantwana bakhe,+ kuze kube nini nanini.+
10 Sukuma uhambe,+ ngoba lena akuyona indawo yokuphumula.+ Ngenxa yokuthi uye waba ongcolile,+ kuyaphihlizwa; futhi umsebenzi wokuphihliza ubuhlungu.+
11 Uma umuntu, ohamba elandela umoya namanga, eye waqamba amanga wathi:+ “Ngizokhuluma amazwi kini ngokuphathelene newayini nangokuphathelene nophuzo oludakayo,” naye futhi ngokuqinisekile uyoba ngokhuluma amazwi kulesi sizwe.+
12 “‘Ngokuqinisekile ngiyombutha uJakobe, nonke;+ nakanjani ngiyobaqoqela ndawonye abaseleyo baka-Israyeli.+ Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni,+ njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo; kuyoba nomsindo wabantu.’+
13 “Ngokuqinisekile ofohlayo uyokhuphuka phambi kwabo:+ bayofohla ngempela. Bayodlula esangweni, baphume ngalo.+ Inkosi yabo iyodlula phambi kwabo, uJehova ephambi kwabo.”+