Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Malaki 4:1-6

4  “Ngoba, bheka! luyeza usuku oluvutha njengesithando somlilo,+ bonke abagabadelayo nabo bonke abenza ububi bayoba njengezinhlanga.+ Lolu suku oluzayo ngokuqinisekile luyobashwabadela,” kusho uJehova wamabutho, “kangangokuthi ngeke lubashiyele mpande nagatsha.+  Kodwa ilanga lokulunga liyophumela kini,+ nina enilesabayo igama lami, linokuphulukisa emaphikweni alo;+ empeleni niyophuma niqebekule inhlabathi njengamathole akhuluphalisiwe.”+  “Ngokuqinisekile, nina niyobanyathela ababi, ngoba bayoba njengebhuqu ngaphansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engithatha ngalo isinyathelo,”+ kusho uJehova wamabutho.  “Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngokuphathelene no-Israyeli wonke, yebo iziqondiso nezinqumo zokwahlulela.+  “Bhekani! Ngithumela kini u-Eliya umprofethi+ ngaphambi kokuza kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.+  Uyobuyisela izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise; ukuze ngingafiki ngiwushaye impela umhlaba ngokuwunikela ekubhujisweni.”+

Imibhalo yaphansi