Luka 23:1-56
23 Ngakho uquqaba lwabo lwasukuma, lonke ngothi lwalo, lwamyisa kuPilatu.+
2 Khona-ke lwaqala ukumbeka icala,+ luthi: “Lo muntu simtholé ephambukisa+ isizwe sakithi futhi enqabela ukukhokhwa kwezintela+ kuKhesari ethi yena ngokwakhe unguKristu inkosi.”+
3 Manje uPilatu wambuza lo mbuzo: “Ingabe uyiyo inkosi yamaJuda?” Waphendula wathi: “Kusho wena ngokwakho.”+
4 Khona-ke uPilatu wathi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.”+
5 Kodwa baphikelela, bethi: “Ubhebhezela abantu ngokufundisa kulo lonke elaseJudiya, yebo kusukela eGalile kuze kube lapha.”
6 Lapho ezwa lokho, uPilatu wabuza ukuthi lo muntu wayengowaseGalile yini,
7 futhi, ngemva kokuthola ukuthi uvela esifundeni sikaHerode,+ wamdlulisela kuHerode, naye ngokwakhe owayeseJerusalema ngalezi zinsuku.
8 Lapho uHerode ebona uJesu wajabula kakhulu, ngoba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona+ ngenxa yokuba ezwile+ ngaye, futhi wayenethemba lokuthi uzobona isibonakaliso esenziwa nguye.
9 Wambuza ngamazwi amaningi impela; kodwa akamphendulanga.+
10 Nokho, abapristi abakhulu nababhali babelokhu bemile futhi bembeka icala ngamandla.+
11 Khona-ke uHerode kanye nabaqaphi bakhe abangamasosha bamhlazisa,+ wahlekisa+ ngaye ngokumgqokisa ingubo egqamile wambuyisela kuPilatu.
12 Bobabili uHerode noPilatu+ manje baba abangane ngalo kanye lolo suku; ngoba ngaphambi kwalokho kwakuye kwaqhubeka kunobutha phakathi kwabo.
13 Khona-ke uPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu
14 wathi kubo: “Nilethé lo muntu kimi njengovusa abantu ukuba bavukele, futhi, bhekani! ngimphenye phambi kwenu kodwa angitholanga sizathu+ samacala enimmangalela ngawo lo muntu.
15 Eqinisweni, noHerode akasitholanga, ngoba umbuyisele kithi; futhi, bhekani! akukho lutho alwenzile olumenza afanelwe ukufa.+
16 Ngakho-ke ngizomshaya+ bese ngiyamkhulula.”
17 ——
18 Kodwa bakhamuluka, nalo lonke uquqaba lwabo, bethi: “Msuse lo,+ usikhululele uBharabha!”+
19 (Okungumuntu owayephonswe etilongweni ngenxa yokuvukela umbuso okuthile okwenzeka emzini nangenxa yokubulala.)
20 UPilatu waphinda wabamemeza, ngoba efuna ukukhulula uJesu.+
21 Khona-ke baklabalasa, bethi: “Mbethele! Mbethele!”+
22 Wathi kubo okwesithathu: “Ngasizathu sini, yini embi ayenzile lo muntu na? Angitholanga lutho kuye olumenza afanelwe ukufa; ngakho-ke ngizomshaya bese ngiyamkhulula.”+
23 Khona-ke baqala ukucindezela, ngamazwi aphakeme, befuna ukuba abethelwe; futhi amazwi abo anqoba.+
24 Ngakho uPilatu wakhipha isinqumo sokuba kwenziwe lokho ababekufuna:+
25 wamkhulula+ lowo muntu owayephonswe etilongweni ngenxa yokuvukela umbuso nokubulala, lowo ababemfuna, kodwa uJesu wamnikela entandweni yabo.+
26 Manje njengoba bemuka naye, babamba uSimoni, umuntu othile wokuzalwa eKhurene, evela emaphandleni, bamthwesa isigxobo sokuhlushwa ukuba asithwale alandele uJesu.+
27 Kodwa wayelandelwa uquqaba lwabantu nabesifazane ababelokhu bezishaya ngenxa yosizi futhi bemlilela.
28 UJesu waphendukela kulaba besifazane wathi: “Madodakazi aseJerusalema, yekani ukungikhalela. Kunalokho, zikhaleleni nina nabantwana benu;+
29 ngoba, bhekani! ziyeza izinsuku abantu abayokuthi ngazo, ‘Bayajabula abesifazane abayizinyumba, nezibeletho ezingazalanga namabele angancelisanga!’+
30 Khona-ke bayokuthi ezintabeni, ‘Welani phezu kwethu!’ bathi emagqumeni, ‘Simbozeni!’+
31 Ngoba uma benza lezi zinto lapho umuthi usemanzi, kuyokwenzekani lapho usubunile?”+
32 Kodwa amanye amadoda amabili, izelelesi, nawo ayeholwa ukuze abulawe kanye naye.+
33 Lapho befika endaweni ebizwa ngokuthi uGebhezi,+ bambethela lapho nalezo zelelesi, esinye ngakwesokunene sakhe esinye ngakwesobunxele sakhe.+
34 [[Kodwa uJesu wathi: “Baba, bathethelele,+ ngoba abakwazi abakwenzayo.”]] Ngaphezu kwalokho, ukuze babelane ngezingubo zakhe, benza inkatho.+
35 Futhi abantu bema bebukele.+ Kodwa ababusi babebhuqa, bethi: “Abanye wabasindisa; makazisindise,+ uma enguye uKristu kaNkulunkulu, Okhethiweyo.”+
36 Ngisho namasosha ahlekisa+ ngaye, esondela futhi emnika iwayini elimuncu+
37 ethi: “Uma uyinkosi yamaJuda, zisindise.”
38 Futhi kwakunombhalo oqoshiwe ngaphezu kwakhe othi: “Lena yinkosi yamaJuda.”+
39 Kodwa esinye sezelelesi ezazilengisiwe sathi kuye ngokuhlambalaza:+ “UnguKristu, akunjalo? Zisindise wena kanye nathi.”
40 Esinye siphendula sasikhuza sathi: “Ingabe awumesabi nhlobo uNkulunkulu, njengoba usesahlulelweni esifanayo?+
41 Futhi thina, ngempela, sikuso ngokufanelekile, ngoba samukela ngokugcwele okusifanele ngenxa yezinto esizenzile; kodwa lo muntu akenzanga lutho oluphume endleleni.”+
42 Saqhubeka sathi: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.”+
43 Wathi kuso: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami+ ePharadesi.”+
44 Nokho, ngalesi sikhathi cishe kwase kuyihora lesithupha, kodwa nokho kwehla ubumnyama phezu komhlaba wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye,+
45 ngoba ukukhanya kwelanga kwacima; khona-ke isihenqo+ sendlu engcwele sadabuka phakathi.+
46 UJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.”+ Lapho esekushilo lokhu, wafa.+
47 Ngenxa yokubona lokho okwenzekile isikhulu sebutho saqala ukukhazimulisa uNkulunkulu, sathi: “Ngempela lo muntu ubelungile.”+
48 Futhi zonke izixuku ezazibuthene lapho ngenxa yalo mbukwane, lapho zibona izinto ezenzekile, zaqala ukubuya, zishaya izifuba zazo.
49 Ngaphezu kwalokho, bonke labo ababejwayelene naye babemele kude.+ Futhi, abesifazane, ababemlandele ndawonye bevela eGalile, babemi bebuka lezi zinto.+
50 Bheka! umuntu ogama lakhe linguJosefa, owayeyilungu loMkhandlu, umuntu omuhle nolungileyo+—
51 lo muntu wayengavumelananga necebo labo nesenzo sabo+—wayevela e-Arimatheya, umuzi wabaseJudiya, wayelindele umbuso kaNkulunkulu;+
52 lo muntu waya kuPilatu wacela isidumbu sikaJesu.+
53 Wasehlisa+ wasisonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni+ eliqoshwe edwaleni, okungekho muntu owayeke wabekwa+ kulo.
54 Manje kwakuwukuLungiselela,+ futhi ukukhanya kwakusihlwa kwesabatha+ kwakusondela.
55 Kodwa abesifazane, ababeze naye besuka eGalile, balandela futhi babheka ithuna+ nendlela isidumbu sakhe esasibekwe ngayo;+
56 base bephindela emuva beyolungiselela iziqholo namafutha anamakha.+ Kodwa-ke, njengokufanelekile, baphumula ngesabatha+ ngokuvumelana nomyalo.